UMQEQESHI waMaZulu FC osabambile, u-Ayanda Dlamini, uthe akufanele ngabe leli qembu lizithola lisesimeni sokuvika izembe ngalesi sikhathi sesizini ekubeni libalwa namaqembu anezikwati eziqinile.
UDlamini ubhekene nenselelo yokususa AmaZulu endaweni ebushelelezi yezembe lapho kukhona ukukhala nokugedla kwamazinyo, kule midlalo emine ewasalele kwiDStv Premiership. Lapha kubalwa abazowudlala neSekhukhune United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, namuhla ngo-8 ebusuku.
“Kuyakhathaza ukuthi iqembu elinjengaMaZulu elinesikwati esibalwa nezinye eziqinile kule sizini lizithole livika izembe ngalesi sikhathi sesizini.
Kodwa-ke eqinisweni yithina esizifake kulesi simo esikuso njengamanje ngokunganqobi kwethu eminye yemidlalo obekufanele siyinqobe.
Ukushaya iqembu elinjengeChiefs ngo 4-0 bese uzolahla amaphuzu imidlalo ilandelana udlala ngokulingana kungenasidingo, kukhombisa ukuba yiqembu elingawugcini umgqigqo.
Kodwa ngicabanga ukuthi ukuthola nje kwethu amaphuzu amathathu emdlalweni wethu olandelayo esiyowudlala neSekhukhune, nakanjani kungasisua ngokushesha kule ndawo esikuyo, ngoba kwi-log njengamanje amaqembu awaqhelelene kakhulu.
Ukuthola amaphuzu amathathu kukuthatha kukubeke kwiTop 8 ngokushesha, kanti futhi nokukuhlulwa umdlalo owodwa kukwehlisela ezansi ngokushesha uzithole usuvika izembe.
Lo ngumdlalo okufanele siwunqobe kumnyama kubomvu, ngale kwalokho singazithola sesisenkingeni.
Sidlalela ekhaya, ngakho kufanele sikusebenzise lokho kwesekwa kwethu ngabalandeli silwele ukunqoba,” kusho uDlamini.
Ebuzwa ngalokhu kuthela muva njengembumba kwezakhe, uDlamini uthe basebenza ngokuzikhandla ukuyilungisa leyo nkinga.
“Akufanele sivumele izitha zishaye amagoli kuqala bese thina sibuya kamuva sesilwela ukulinganisa, ngoba kuyasilimaza lokho njengoba kwenzekile kule midlalo emibili esigcine ukuyidlala.
“Kodwa-ke siyakulungisa lokho, ngoba siyiqembu elikwaziyo ukuhlasela lithole amagoli esikulungisayo manje ukuthi sikwazi ukuvala emuva kungadluli lutho, kube yithina esilawula umdlalo nokuyinto esifuna yenzeke kulo mdlalo esiyowudlala neSekhukhune,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Itshe seligaya ngomunye umhlathi kuMaZulu njengoba esikhathini esingengakanani usihlalo waleli qembu, uSandile Zungu, ubekubeke kwacaca ukuthi usefuna okungenani liqede kwiTop 8.
Lokhu kulandela ukwehluleka kwaMaZulu ukuthola isicoco kule sizini liphunyukwa yiMTN 8 ahlulwe kuyo kowamanqamu, okulandelwe wukukhishwa ekuseni kwiNedbank Cup.
USuthu ludinga amaphuzu kule midlalo emine oluyisalele okubalwa kuwo oweSekhukhune (ekhaya), iMamelodi Sundowns (ekhaya), iLamontville Golden Arrows (ekuhambeni) nePirates (ekhaya) ukuze ludlalele kude nezembe.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla-Ngo-3pm: Royal AM v Cape Town City (Chatsworth Stadium)
Ngo-5.30pm: Stellenbosch FC v Golden Arrows (Danie Craven Stadium)
Ngo-8pm: AmaZulu FC v Sekhukhune United (Moses Mabhida Stadium)
Kusasa-Ngo-3pm:
TS Galaxy v Orlando Pirates (Moses Mabhida Stadium)