AMATHEMBA okubuyisa izinsuku zenjabulo kuMaZulu FC asebekwe ezandleni zika-Ayanda "Cobra" Dlamini omenyezelwe yileli qembu izolo njengebamba mqeqeshi kuze kube kuphela isizini ephezulu.
Izolo leli qembu likaSandile Zungu, linyakazise umhlaba kanobhutshuzwayo likhipha isitatimende esinika uDlamini amandla okuqhoqhobala lesi sikhundla.
Kuso kuvele ukuthi uRomain "Fohloza" Folz obeyinhloko yabaqeqeshi usezoba inhloko yosomaqhinga. Uzokweluleka uZungu ngezinhlelo zika-2032 (Vision 2032). Phambilini uDlamini owaqala ngokuba umdlali oSuthwini, ubeyiphini likaFohloza.
Echaza uZungu ngalezi zinguquko kulesi sitatimende, uthe: "Umdlalo webhola uhlulelwa ngemiphumela. Ukuhlala endaweni yesi-12 ekubeni sesisalelwe imidlalo eyisithupha kuyinto engalifanele neze iqembu elinjengaMaZulu.
“Isinqumo esisithathile ngesokuthi u-Ayanda Dlamini athathe esokuba ibamba mqeqeshi kuze kuphele isizini ephezulu.
“Esikudinga kuye ukulwela amaphuzu awu-18 kule midlalo esisalele. Uhlalelwe umsebenzi omkhulu wamalungiselelo omdlalo wethu neCape Town City ngempelasonto esiya kuyo.“
Mayelana noFohloza othathe izintambo kuBrandon Truter ekuqaleni kwesizini, uZungu uthe luningi ulwazi abasafuna ukuluncela kuye.
"Ngimnike isikhundla sokuba usomaqhinga. Uzoba ngumeluleki kamengameli ngohlelo lweVision-2023 kuze kuphele isizini.
“Ngeke agxambukele ekwenziweni kwezinto eqenjini. Simbonga kakhulu ngakwenzele iqembu," kubeka uZungu.
Ngaphansi kukaFohloza, izinto aziluhambelanga kahle uSuthu. Emidlalweni ewu-15 yeligi unqobe emithathu kuphela, wadliwa kwemine wadlala ngokulingana kweyesishiyagalombili.
Uphinde wadliwa kowamanqamu eMTN 8 nakowe-Last 16 Nedbank Cup. Okubukeka kucike abaphathi boSuthu ukushaywa kulandelana emidlalweni emibili yeligi edlule.
Udliwe ephuma ekuwashisweni ijezi iDondol Stars kwiLast 16 Nedbank Cup. Wehliswe esikhundleni esanda kusayina inkontileka yeminyaka emithathu.
Empeleni izindaba zalo mqeqeshi ziqale ukuputshuka ngoMsombuluko kodwa uZungu ebuzwa, ukuphikile lokho.
Mayelana noDlamini sekuyinto ejwayelekile ukuthi uma izinto zibheda eqenjini kubanjiswe yena izintambo zokuqeqesha.
Kuzokhumbuleka ukuthi nango-2019/2020 walisindisa ezembeni iqembu. Uke waba ibamba kushiya uCavin Johnson noJose Vukusic.
AmaZulu azobhekana neCity ngeSonto ngo-5.30 ntambama eCape Town Stadium.