LINGALIHLE kodwa futhi lingaphinde libe limbi ikhefu elitholwe AmaZulu FC, azobhekana neSuperSport United namuhla ngo-3 ntambama, koweDStv Premiership eTUT Stadium, e-eTshwane.
Kuzobe kungumdlalo wesibili ka-Ayanda Dlamini ehlandleni lakhe lesibili njengebambamqeqeshi eqenjini laseThekwini.
Uhole ibhentshi okokuqala kule siziningo-Ephreli 9, bebambana ngo 2-2 neCape Town City eKapa. Emdlalweni kwabonakala abadlali bezinikela ukumdlalela kangangoba babuya ku 2-0 belokhu behlasele, bebuyelela okokuduma kwezulu laseMthatha.
Omunye umqeqeshi ubengafisa ukuthi baphinde omunye umdlalo eduze emuva kwalowo ukubamba umgqigqo wokuzinikela kwabadlali bakhe ngaleya ndlela ekhonjiswe ngabo Suthu.
Obuka kanjalo angalibona lizobabuyisela emuva leli khefu ababuya kulo.
Nokho, omunye angalibuka ngeso elihle kuDlamini lokuthola ithuba lokuhlakula ukhula lukaRomain Folz, bese ehlwanyela eyakhe imbewu. Ukhula lukaFolz luyadinga ukuhlakulwa, yize esekhona ezinhlakeni zeqembu njengomqondisi wamaqhinga nokuthiwa weluleka usihlalo weqembu.
Kwakuseyilo ukhula lukaFolz ukuzithola kwaMaZulu elandelana ngemuva ngo 2-0 kwiCity. Lowo mdlalo kwakungowesine ilandelana iqembu laKwaZulu-Natal, lihluleka wukunqoba.
Lokho-ke kodwa akuhlukile kangako kokweSuperSport kwazise nayo isinemidlalo emithathu ilandelana inganqobi. Yize umdlalo usekuhambeni kodwa kufanele kulinyuse ithemba kubadlali boSuthu ukuthi emlenzeni wokuqala weligi bayehlulile iSuperSport.
Nokho kulowo mdlalo amatomu abesaphethwe nguBrando Truter nokufakazela isimo esimagombe oSuthwini. UDlamini ngumqeqeshi wesithathu ohlukile ukuhola AmaZulu kule sizini.
Iqalwe nguTruter isizini kodwa waxoshwa emuva kwemidlalo eyisikhombisa, indawo yakhe yavalwa ngoFolz, obengumqeqeshi osemncane ukubedlula bonke kwiPremiership.
Ukuntula kwakhe amava nokubona ngokungefani phakathi kwakhe noDlamini, kubonakale ngokuthi uFolz ushiye exoshe abadlali okubalwa kubo uRamahlwe Mphahlele noKeagan Buchanan kodwa okuyimanje sebebuyiselwe eqenjini.
AmaZulu aqhele ngamaphuzu amathathu kwi-Top8 kanti asasalelwe yimidlalo emihlanu.