YIZE kusobala ukuthi sincane isikhathi asinikezwe ngaMaZulu FC kodwa u-Ayanda Dlamini, akangabazi ukuthi Usuthu luzoqeda isizini lubalwa namaqembu akwi-Top 8 kwi-log yeDStv Premiership.
UDlamini ubekhuluma neSolezwe izolo kulandela ukubambana ngo 2-2 neCape Town City, ngeSonto ntambama koweligi eKapa.
Amagoli oSuthu angene esiwombeni sesibili eshaywa, nguBongi Ntuli no-Augustine Kwem. Leli qembu laseThekwini, belilandela ngemuva ngo 2-0 emdlalweni obekungowokuqala uDlamini ebanjiswe izintambo emva kokugudluzwa kobe ngumqeqeshi, uRomain Folz.
UFolz ufike oSuthwini ngo-Okthoba nyakenye ngesivumelwano sokuthi uzoba ngumqeqeshi walo kuze kuphele isizini.
Alukho ushintsho olutheni uFolz afike nalo ekulungiseni isimo esixoshise uBrendon Truter, kodwa abaphathi bamgixabeze ngenkontileka yeminyaka emithathu ezinyangeni ezedlule njengoba sebemgudluza nje.
Ngeledlule, Usuthu lumsusile uFolz kwesokuqeqesha lwambeka kwesokuba ngusomaqhinga. Kube sekubanjiswa uDlamini kuze kuphele isizini.
Yize Usuthu lungaphandle kwe-Top 8 okwamanje kodwa uDlamini akakhathazekile ngalokhu ngoba akubone eKapa kumqinise idolo. AmaZulu asehlele endaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu awu-29 emidlalweni ewu-25.
“Okufanele ngikwenze ngokushesha, ukubuyisa ukuzethemba kulaba bafana nogqozi lokudlalela iqembu elinomlando njengaMaZulu engicabanga ukuthi bese kubalahlekele kancane,” kusho uDlamini.
“Uma singalungisa kulokho ngokushesha sizobe sesiba nethuba elikahle lokucubungula imidlalo emihlanu esisalele kule sizini.
“Nginethemba kakhulu nge-Top 8 uma ngibuka indlela okwenzeke ngayo eKapa. Nakuba kusabukeka sengathi kuwumqansa okwamanje kodwa ngokwami umqansa ozoqwaleka,” kuqhuba yena.
“Ngeke sikubalekele ukuthi sisendaweni embi kwi-log futhi uma sizithambisa ngisho ngabe ikancane kangakanani, singazithola sesisondelene nengozi yokubalekela izembe.
“Kumqoka ukuqoqa amaphuzu kule midlalo esisalele ngakho-ke kufanele mina nabadlali sikholwe kuqala ukuthi AmaZulu azoqeda isizini ekwi-Top 8 ngenxa yezithukuthuku zethu.”
UDlamini uyavuma ukuthi sincane isikhathi asinikiwe kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke aphumelele ukuzuzela iqembu okuthile.
“Imidlalo enginikwe yona inzima ngoba wonke amaqembu asuke esazi ukuthi adlalela ini. Abavika izembe basuke sebaziwa, nabafuna i-Top 8 nabezindawo zokudlala kweyeCaf basuke sebecacile.
“Engikubone eKapa kungenza ngingangabazi ukuthi sizongena kalula kwi-Top 8 kodwa kunezindawo okufanele silungise kuzona kule midlalo yeligi emihlanu esele,” kuphetha uDlamini. Kubukeka uDlamini esazoba nesikhathi sokulungisa lezo zindawo akhuluma ngazo njengoba umdlalo olandelayo weligi ungo-Ephreli 23 neSuperSport United, eTUT Stadium.