UVUMA ukuthi abemancane kakhulu amathuba okuthi bashaye iMamelodi Sundowns, uSimo Dladla ongumqeqeshi weMaritzburg United ewashiswe ijezi ngamaBrazilians ngo-2-0 koweNedbank Cup Last 16 ngeSonto.
Nakuba ekhuluma kanjena uDladla kodwa kukhulu ukunconywa akutholayo ngokuyibamba ngqi iSundowns, ekubeni bekulindelwe ukuthi izenzele kuleli qembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Amagoli iSundowns enqobe ngawo, ashaywe uThembinkosi Lorch sewuyophela umdlalo. Emizuzwini yokuqala abafana bakaDladla bebetshengisa ukungazihloniphi izitha zabo.
Lo mgqigqo omuhle ulinyazwe wukumiswa komdlalo ngenxa yezulu ebeliduma kabi futhi libaniza. Kuthe uma kubuywa kwashintsha ukudla epuletini.
ISundowns ibuye seyilenyusile izinga. Nokho iTeam of Choice ikwazile ukuyivimba ingalitholi igoli kwaze kwaba umzuzu ka-74 okungene ngalo elokuqala. Elesibili lingene esikhathini esengeziwe sikanompempe.
Ngemuva komdlalo, uDladla ufanise umdlalo weSundowns njengobufana nokuqwala intaba.
"Angisho ukuthi besingeke siyishaye iSundowns. Nakuba kunjalo, uma ubheka lapho ikhona, nathi lapho sikhona. Noma ubheka izinto enazo, nathi esinazo uzobona ukuthi kumele sijabule ngendlela esidlale ngayo," kusho uDladla.
Ujobelele ngokuthi uma kukhona okuhle obekumele bakuthole kulo mdlalo bekufanele kuqhamuke emizuzwini yokuqala engu-20. Kulo mdlalo, lo mqeqeshi wenze ushintsho lwabadlali abahlanu.
Ukholelwa ukuthi lo lushintsho lube nesandla ekuhlulweni kwabo.
"Uma udlala kodwa ibhola lingekho kuwena uphoqeleka ukufukuza kanzima. Senze ushintsho ngoba sifuna imilenze emisha nokuqhamuka namaqhinga amasha. Abadlali bacabanga ngokungafani. Esikuqaphelile ukuthi ngesikhathi sishintsha belehla izinga lethu lokudlala.
“Engingakusho nje, umthwalo bewungaphezu kwamandla ethu. Ukudideka emqondweni kwenze abadlali bethu bagcine belahla ibhola bemi ngabodwana. Angazi ngempela ukuthi bekwenzekani emiqondweni yabo. Kubuhlungu kunjalo, ngijabule ngendlela abazinikele ngayo kulo mdlalo,“ kuphetha uMagabadeli.
Uqhubeke ngkuthi bafunde lukhulu kulo mdlalo, kukhona azokwakhela phezu kwako endleleni abadlale ngayo. Baye kuwo bengangenelwanga goli kwemine edlule, abebefuna kuqhubeke lokho.
“Nokho ukudlala neqembu elifana neSundowns kwenze kwanzima ukufeza le liphupho. Okuhle ukuthi kwiligi esidlala kuyo alikho iqembu elidlala njengeSundowns.
“Uma singamaka ngale ndlela emdlalweni olandelayo sizonqoba noma kanjani," kusho uDladla.
Njengamanje iCity of Choice isndaweni yeshumi kwilog, ngamaphuzu awu-26, emidlalweni ewu-21. Izoze idlale oweligi ngo-Ephreli 3, ne-Upington City, eSugar Ray Xulu Stadium.