OBEYIPHINI lomqeqeshi kwiMaritzburg United edlala kwiMotsepe Foundation Championship, uSimo Dladla, nguyena ozoqhuba umkhumbi kulandela ukukhonjwa indlela kukaZipho Dlangalala obeyinhloko yabaqeqeshi kuleli qembu.
Lokhu kuqinisekiswe ngusihlalo waleli qembu, uFarook Kadodia, ethintwa yileli phephandaba izolo, kulandela ukuxoshwa kukaDlangalala ngoMsombuluko.
Nakuba bewuvele usukhona umoyana wokuthi uDlangalala ubesehlezi ngesinqe esisodwa, kubukeka ukubhaxatshulelwa ekhaya kweMaritzburg ngo 3-1 yiPretoria Callies ngoMgqibelo, kuyikho okudalele lo mqeqeshi isigcwagcwa esikhulu. Kuvele ukuthi uKadodia ubedinwe egane unwabu ngemuva komdlalo wangempelasonto edlule.
ICallies ishaya iMaritzburg nje ibiqala ukunqoba umdlalo kule sizini ka-2023/24 yeMotsepe Championship. Isendaweni ka-15 kwi-log yakulesi sigaba ngaphezudlwana kweMilford FC esahlezi emsileni.
“Asithungathi mqeqeshi njengamanje, uSimo Dladla nguyena ozoqhubeka nomsebenzi wokuqeqesha iqembu njengenhloko yabaqeqeshi kusukela manje,” kushaya ngamafuphi uKadodia, engafuni ukwanda ngamazwi.
Ebuzwa ukuthi ukukhonjwa indlela kukaDlangalala ngabe kuhlobene yini nokushaywa yiCallies, uthe: “Iqembu belidlala kahle impela ngaphansi kwesandla sikaDlangalala, ngeke ngiqambe amanga. Kodwa-ke ebholeni kwesinye isikhathi ungadlala kahle kodwa uma imiphumela iphika, nakanjani kumele kubekhona izinguquko ezenziwayo njengoba sigcine sesithatha lesi sinqumo ngesikhundla sikaZipho Dlangalala.”
UDladla nguyena ozobe ehola leli qembu emdlalweni wasekuhambeni iMaritzburg ezowudlala ne-Upington City, eGWK Park, eKimberley, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
I-Team of Choice esendaweni yesikhombisa kwi-log, isalelwe yimidlalo emibili ukuqeda umzuliswano wokuqala wale sizini. Umdlalo ozolandela ungoDisemba 6 neBlack Leopards.
UDladla cishe usazi njengentende yesandla sakhe lesi sigaba seMotsepe Championship, kwazise useqeqeshe amaqembu ehlukene akulesi sigaba okubalwa kuwona iReal Kings (engasekho), uThongathi FC, iRichards Bay FC esidlala kwiPremiership, neVenda Football Academy ashiye kuyona ngoFebhuwari ngaphambi kokujoyina leli qembu.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
NgoLwesihlanu - Ngo-3.3pm: Magesi FC v University of Pretoria (Old Peter Mokaba Stadium); JDR Stars v Hungry Lions (Soshanguve Stadium); NB La Masia v Black Leopards (Isak Steyl Stadium)
NgoMgqibelo - Ngo-3.30pm: Casric Stars v Orbit College (Giyani Stadium); Milford FC v Platinum City Rovers (Princess Magogo Stadium); Venda Football Club v Marumo Gallants (Thohoyandou Stadium); Pretoria Callies v Baroka FC (TUT Stadium); Upington City v Maritzburg United (GWK Park)