UMQEQESHI weMaritzburg United, uSimo Dladla, akakalilahli nakancane ithemba ngesicoco seMotsepe Foundation Championship.
Ukholwa wukuthi kusengenzeka noma yini kule midlalo esele njengoba sezihubela sakusha ngombango weligi.
IMaritzburg esanda kuwashiswa ijezi yiMamelodi Sundowns emzuliswaneni weLast 16 weNedbank Cup ngeledlule iyiguqisa ngo 2-0, njengamanje iphakathi kwamaqembu ayishumi aphezulu kwi-log yeChampionship. Isendaweni yeshumi kwi-log ngamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-21.
Yehlukaniswe ngamaphuzu angu-13 neMagesi FC eqhwakele phezulu kwi-log yeChampionship ngamaphuzu angu-39 emidlalweni elinganayo.
Okuqaphelekayo wukuthi iMaritzburg isazodlala neMagesi ne-University of Pretoria esendaweni yesibili kwi-log, womabili okungamaqembu asembangweni wesicoco seligi, njengoba iPretoria esendaweni yesibili yehlukaniswe yiphuzu elilodwa neMagesi.
Ngemuva kwekhefu leFifa, iMaritzburg izobuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya ne-Upington City ngo-Ephreli 3, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
I-Upington City isendaweni yesine kwi-log, ngemuva kwe-Orbit College esendaweni yesithathu.
“Imidlalo yeChampionship esazodlalwa iyisishiyagalolunye, kanti-ke ebholeni imidlalo engako miningi kakhulu ekushintsheni izinto.
“Ngiyazi ukuthi uma abantu bebuka indawo esikuyona kwi-log njengamanje, bazitshela ukuthi sekuphelile, kanti cha akukapheli.
“Sengiqeqeshe isikhathi kulesi sigaba seChampionship, sengike ngabona amaqembu esuka kule ndawo esikuyona aze ayodlala imidlalo yokuhlunga, noma awine isicoco seligi,” kusho uDladla osengumakadebona ekuqeqesheni esigabeni seChampionship.
“Ngikholwa wukuthi kule midlalo esele kusengenzeka noma yini. Okungiqinisa idolo wukuthi iMagesi, amaTuks ne-Upington City okungamaqembu amane kwaphezulu kwi-log njengamanje, sisazodlala nawo.
“Uma singakwazi ukubuya namaphuzu kule midlalo esisalele, nakanjani singazithola sibuyela embangweni weligi.
“Yingakho-ke sizolwa kuze kube ngumdlalo wokugcina, ngethemba lokuthi kukhona esingabuya nakho.”
UDladla oseke waqeqesha emaqenjini ehlukene esigabeni seChampionship, okubalwa kuwo iRichards Bay FC, uThongathi FC neVenda FC, ubhekene nenselelo yokubuyisela leli qembu laseMgungundlovu esigabeni seDStv Premiership ngokuphela kwale sizini.
IMaritzburg egawulwe yizembe ngesizini edlule kwiPremiership, iqale isizini ngaphansi kwesandla sikaZipho Dlangalala, nokho okhonjwe indlela ngenxa yokuphikwa yimiphumela, izintambo zabe sezithathwa wuDladla obeyiphini lakhe.
Ngokwezibalo, iTeam of Choice isengakwazi ukuzibekisela indawo emidlalweni yokuhlunga uma ingabuya namaphuzu kule midlalo eyisishiyagalolunye esele, okubalwa kuyo owePretoria Callies (ekuhambeni), amaTuks (ekhaya), Marumo Gallants (ekhaya), Magesi (ekuhambeni), ukubalwa embalwa.