AmaZulu (3) 3
Golden Arrows (0) 0
AMAZULU FC abe yiqembu lesibili laKwaZulu-Natal ukwedlulela kowandulela owamanqamu weCarling Black Label Knockout ngokunenebula iLamontville Golden Arrows kwi-quarterfinal yomkhaya baseKZN eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.
I-quarterfinal yaMaZulu ne-Arrows bekungeyesibili enkundleni eyodwa yaseMabhida, obekuvulwe kuyo nge-quarterfinal yokuqala lapho khona iRichards Bay imangaze abaningi iwashisa ijezi i-Orlando Pirates ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni obuphele zibambene ngo 0-0.
AmaZulu asheshe acacisa zibekwa ebhandeni ukuthi abezimisele ngokuyigojela zisuka i-Arrows kulo mdlalo, ngamagoli amathathu angene ngesiwombe sokuqala evalelwa phakathi wuJunior Dion, obesho ukuyidla luhlaza i-Arrows kulo mdlalo.
Elokuqala uDion ulivalele ngomzuzu ka-11 ngemuva kwebhola alibekelwe wuMondli Mbanjwa. Elesibili walishaya ngomzuzu ka-29 edekelwe wuHendrick Ekstein, kwathi elesithathu walivalela phakathi ngomzuzu ka-45 wesikhathi somusa kanompempe sezibheke ekhefini.
Ngesiwombe sesibili womabili amaqembu awatholile amathuba, ikakhulukazi i-Arrows ebisivukile emaqandeni, kodwa kwala ukwenza. Abafana Bes’thende babhaxabulwa wuSuthu nje bebeze kulo mdlalo bethelwe ngezibonkolo njengoba bengagayelwa mphako emidlalweni yeligi kulezi zinsuku, nokufakazelwa yindawo abakuyona kwi-log yeDStv Premiership, okuyindawo yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns esaqhwakele phezulu.
Ukwedlulela esigabeni esilandelayo koSuthu kusho ukuthi iKZN izomelwa ngamaqembu amabili kweyandulela owamanqamu, lujoyina omkhaya bawo iRichards Bay, iStellenbosch FC, nozonqoba phakathi kweTS Galaxy neSekhukhune United.