UMQEQESHI wakudala we-Orlando Pirates, uRoger De Sa, uyayesabela emdlalweni wayo owandulela owamanqamu weNedbank Cup neChippa United ngoba leli qembu laseGqeberha ligqishe ngabadlali abanomlando wokukhonjwa indlela kwiBucs.
IPirates okuyiyona evikela isicoco seNedbank izovakashela iChippa esefomini kulezi zinsuku kowokuqala wowandulela amanqamu ngoMeyi 4, eNelson Mandela Bay ngo-3 ntambama. Komunye umdlalo owandulela owamanqamu iMamelodi Sundowns izodlala neStellenbosch FC ngoMeyi 5, eDanie Craven Stadium nawo oqala ngo-3 ntambama.
IChippa United inakho ukuyithwalisa kanzima iPirates okufakazelwa umdlalo wabo wokugcina weligi lapho becazelane ngamaphuzu kodwa okukhathaza uDe Sa, isibalo nohlobo lwabadlali abawumgogodla weChilli Boys abanomlando nePirates.
Ngokusho kwalo mqeqeshi owafaka iPirates kowamanqamu weCaf Champions League ngo-2013, iChippa izoba ingozi kwiPirates ngenxa yabadlali ebaxoshile eminyakeni edlule.
Omunye wabaholi bamaChilli Boys, uGoodman Mosele, ufike kwiPirates kwazwakala waze waqala wabizelwa kwiBafana Bafana kodwa leli qembu laseMayfair liphinde lambuyisela eGqeberha.
UJustice Chabalala uhlale kakhulu kumaChilli Boys ngokubolekiswa yiPirates ngoba ingenayo indawo yakhe.
Sekungumlando ukuthi uChabalala usengoweChippa ngokugcwele kodwa u-De Sa unomuzwa ofanayo, nangoCraig Martin noBinevenu Eva Nga.
“IPirates iyohlale iyiqembu elithathwa njengelikhulu okuyinto eyenza nalawa okuthiwa mancane alikhuphule kakhulu izinga uma eqondele nayo ngakho-ke nakulokhu kufanele ilindele impi,” kusho uDe Sa.
U-Eva Nga oshayele iChippa elinye lamagoli alifake kowandulela owamnqamu udlala ngokuhlangana noMartin, iPirates ebimthathe kwiCape Town City kumasizini ambalwa adlule.
“Ifomu ka-Eva Nga noMartin uma uzoyihlanganisa nobuholi bukaMosele nobukaChabalala, iPirates izoba nezinkinga ezingaphezulu kwalezi ezilindele ngokubona kwami.
“Yebo, ingompetha futhi inawo amava okunqoba lo mdlalo kodwa kufanele izibambe ziqine ngoba laba badlali ebaxoshile bazozama konke okusemandleni ukuyikhombisa ukuthi yenze iphutha ngokubadedela.
“Ifomu yePirates emiqhudelwaneni iyathembisa kodwa kufanele iwugade lo mdlalo weChippa ngoba igqishe ngabadlali esingabazi ukuthi bazizwa kanjani ngayo kulandela ukubaxosha kwayo,” kusho uDe Sa.