OWAYENGUNOZINTI weminyaka kwiMoroka Swallows, uRoger De Sa, ululeke abaphathi baleli qembu ngokulidayisa ngokushesha uma kungukuthi inhloso yabo ngesikhathi belithenga bekuwukuhlenga umlando walo ngoba kungagcina kushabalele konke uma beqhubeka ngale ndlela.
UDe Sa, utshele Isolezwe ukuthi ucishe wawa phansi ngesikhathi ezwa izindaba zokubhuntsha kwemidlalo yeSwallows.
NgoLwesithathu iSwallows imemezele ukuthi ngenxa yezinkinga eziphakathi kwabaphathi nabadlali bayo, ngeke ikwazi ukudlala eyeDStv Premiership neMamelodi Sundowns neLamontville Golden Arrows obekumele ube kusasa.
IPremier Soccer League (PSL) iyona eqale yaveza izindaba zokubhuntsha kwale midlalo kodwa yangasibeka isizathu.
Imithombo iveze ukuthi ukungaholelwa kwabadlali osekuwumkhuba kwiSwallows yikhona okuholele ekutheni bagcine bengayingeni eyokuyodlala.
Okuyikhona okuthuse kakhulu uDe Sa ulwazi oluqanda ikhanda analo ngolaka nokuqinisa isandla kwe-PSL, uma ibona sengathi iqembu lihudulela phansi isithunzi sayo.
UDe Sa osengumqeqeshi, ufanise isimo seSwallows ayidlalele waphinde waba ukaputeni wayo (kusukela ngo-1989 kuya ku-1995), nabhekane naso ngo-2021 kulandela ukubhuntsha komdlalo weqembu ayengusihlalo walo iCape Umoya United osekungumlando ukuthi seyaphenduka iVenda Football Academy FC.
“Ngithuke ngoma ngoba iSwallows isanda kusijabulisa ngokubuyisa igama layo ngokugcwele okwenze ngabona ukuthi abaphathi bamanje bazimisele ngokulivusa leli qembu elinomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika,” kusho uDe Sa.
“Kusobala ukuthi kukhona izinkinga zemali ngakho-ke kungabasiza abaphathi ukuthi badayise ngokushesha ukuze iqembu liwele kwabanamandla angcono ukuqhubeka nokuvusa umlando.
“Iyathusa into eyenzeke kwiSwallows futhi angingabazi ukuthi izophelela ekomitini eliqondisa ubugwegwe (lePSL) lapho izofika khona ilahlwe icala. Okuzolandela lapho ukuthi iphucwe amaphuzu esingazi ukuthi azoba mangaki iphinde ihlawuliswe itshe lemali.
“Thina sigcine siphoqeleka ukulidayisa iqembu (iCape Umoya) kulandela ukulahlwa icala lokubhuntsha komdlalo ngo-2021.
“Kwala noma sesizama ngomthetho (enkantolo) futhi sikucacisa ukuthi sasingeke siwudlale umdlalo ngoba uhhafu weqembu wawuhaqwe i-Covid-19. Iligi yabona kungcono ukuthi isihlakaze ngale ndlela yokuthi sigcine siphelelwa amandla. Saba nenhlanhla nje ukuthi iqembu lalifunwa abebengenandaba namantwayintwayi elaliza nawo.
“Kufanele badayise ngokushesha abaphathi ngoba uma bengakwenzi lokho izinkinga zemali zizoqhubeka baze bagcine bedliwa izembe iqembu lisegameni labo,” kuphetha uDe Sa.
ISwallows igcine ukudlala ngempelasonto edlule ibambana ngo 0-0 neRoyal AM.
Isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu awu-19 emidlalweni ewu-14.