UKWENZA kahle kweNapoli ngesizini ka-2022/2023 idla isicoco seligi yeSerie A, okulandelwe ukushaya udaka ngesizini edlule, ihluleka incama ukuvikela isicoco, kubukeka kuyikho kanye okwenze abaphathi beqembu babona kufanele balande ingqwayingqwayi yomqeqeshi, u-Antonio Conte ukubuyisa uzinzo.
UConte (55) osengumakadebona kwezokuqeqesha nosenqobe izindebe emaqenjini ehlukene ase-Europe eminyakeni edlule, nguyena onikwe umsebenzi wokucija leli qembu elingalibonanga elidlalayo ngesizini edlule, lihluleka ngisho ukungena kwiTop 8.
Nakuba iNapoli ivule le sizini ka-2024/25 ngesibhaxu ixetshulwa yiVerona ngo 3-0, ikwazile ukuvuka izithathe inqobe imidlalo eyisithupha ilandelana yahlala esicongweni se-log yeSerie A njengoba isazihola phambili ngamaphuzu angu-16 emidlalweni eyisikhombisa.
Le fomu yakamuva yeNapoli isikhombise izimpawu zokubuya kozinzo kuleli qembu ngaphansi kukaConte, osayine abadlali abanohlonze ngaphambi kokuqala kwesizini, okubalwa kubona uRafa Marin osuka kwiReal Madrid, uScott McTominay osuka kwiManchester United, uRomelu Lukaku osuka kwiChelsea ebimbolekise kwi-AS Roma noBilly Gilmour osuka kwiBrighton & Hove Albion.
Ukubolekisa kweNapoli umgadli uVictor Osimhen, kwiGalatasaray yaseTurkiye, okuvela ukuthi ubengasathokozile kuleli qembu lase-Italy ngenxa yokungenzeki ngokufisa kwakhe sekufanele asayine kwelinye lamaqembu e-English Premier League, yikho kanye okuholele ekutheni uConte asayine uLukaku ukuvala isikhala somgadli.
UConte okunguyena owagcina ukunqobela iChelsea isicoco sePremier League ngesizini ka-2016/17, ubona kuseva ukuthi ezakhe sezingaqala zizinike ithemba ngesicoco seligi yeSerie A.
“Angazi noma le yiNapoli efanele ukuhlala phezulu kwi-log njengamanje, kodwa iqiniso wukuthi yithina esihlezi phezulu,” kusho uConte sakuncokola, ecashunwa yi-ESPN.
“Ezinyangeni ezintathu ezedlule, uma kwakungaba khona umuntu ongitshela ukuthi iNapoli yiyona ezobe ihlezi phezulu kwi-log yeSerie A ngalesi sikhathi sesizini, ngangingeke ngimkholwe. Nokho, siya ngokuya sikhombisa ukuba ngcono kakhulu endleleni esidlala ngayo, okuwuphawu lokuthi kukhona lapho siya khona.”
Abadlali abasayinwe nguConte kule sizini, uMcTominay, noLukaku, basakhombise ifomu enhle emidlalweni yakamuva, njengoba kuyibona abavalele phakathi amagoli iNapoli ibhaxabula i-Como ngo 3-1 emdlalweni wakamuva weSerie A ngeledlule ngaphambi kwekhefu leFifa.
I-Gli Azzuri, okuyisiteketiso seNapoli, edlalela imidlalo yayo yasekhaya eStadio Diego Maradona, eNaples, okuyinkundla yayo yasekhaya eyaqanjwa ngowayeyisihlabani nenkakha yaleli qembu engasekho uDiego Maradona wodumo, ngemuva kwekhefu leFifa izobuyela ensimini ngokubhekana ne-Empoli ngo-Okthoba 24, ilandele ngeLeece, bese ivala u-Okthoba ngokududulana nezimbangi ezinkulu, i-AC Milan ngo-Okthoba 29.