UZISHAYA isifuba uPablo Franco Martin, oqeqesha AmaZulu FC, ngokufika neziyalo athi zibuyisele abadlali emgqeni ngasekuziphatheni ngendlela eyamukelekile. Lokhu kuvame kakhulu ngaphandle kwenkundla kanti yinto ebingabahleli kahle abaphathi beqembu ngaphambi kokufika kwakhe.
Ngesizini edlule, umengameli woSuthu, uSandile Zungu, ukhulume kaningi ngesidingo sokukhuculula insila eqenjini lakhe, njengokuduma kabi kwabadlali abehlulekayo ukuziphatha kahle ngaphandle kwenkundla.
Ngenxa yalo mkhuba, kuke kwamiswa abadlali abathile ekutheni baziqeqeshe neqembu elikhulu ngesizini edlule.
Lo mkhuba wokuzenzela umathanda oSuthwini, ugqanyiswe yizinkulumo, zabake basebenza kulona,njengoPhumlani Dube obengumxhumanisi wabalandeli, noBrendon Truter obengumqeqeshi. Batshela abezindaba ukuthi kuningi ukungaziphathi kahle eqenjini, uDube waveza nokuthi zidla lubi izinkamba zikaFaro kuleli qembu laseThekwini.
Inkulumo kaMartin oteketiswa ngelikaCijimpi, ilandela ukutonyulwa kwakhe neKaizer Chiefs ekuhambeni kwi-Last 16 yeCarling Black Label Kcockout, inike isithombe sokuthi lo mqeqeshi waseSpain, useqalile ukuyibona imiphumela kwezinye zezinto alandelwe zona.
“Ngikholelwa ekutheni wonke umuntu owaziyo AmaZulu, uselubonile ushintsho enkundleni nangaphandle kwayo kusukela ngifikile,” kusho umqeqeshi.
“Umehluko awugqamile enkundleni kuphela kodwa indlela yokuziphatha nokuzinikela kwabadlali isikhule ngendlela emangalisayo. Indlela abadlali abenza ngayo izinto ayisafani neyakumasizini adlule okungenye yezinto abaphathi abebeyiqhakambisa ukuthi kumele ishintshe ngesikhathi sisaxoxa ngokuthatha kwami lo msebenzi.
“Ngizishaya isifuba ngalokhu ngoba manje ngineqembu elinabadlali abangayeli nokuyela ebugwegweni,” kusho uPablo.
UCijimpi uzwakalise injabulo ngokutomulwa kweChiefs wakuchaza njengethuba lokuhlola ibanga asebelihambile njengeqembu.
Bazovakashela AmaZulu ngoMgqibelo eFNB Stadium ngo-6 ntambama.
“Kuyakhuthaza kukodwa ukuthi sizobhekana neChiefs esanda kusishaya koweligi. Abadlali abadingi ukukhuthazwa kangako ngeChiefs ngoba iyiqembu elikhulu ngakho-ke ngiyazi nabo bakulungele ukuziveza uma sebebhekene nayo,” kusonga uPablo.