UMQEQESHI waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, uxwayisa ngobungozi bokuyela ngobuso iMoroka Swallows. Uthi Izinyoni zicacisile ngesikhathi zibhekene neKaizer Chiefs ukuthi azihluke ngalutho nalokhu ebeziyikhona ngaphambi kwezinkinga zangaphandle kwenkundla ezizihaqile.
UCijimpi okuyigama okuteketiswa ngalo umqeqeshi woSuthu, odabuka eSpain, ulindele umdlalo onzima kwiSwallows abazobanga nayo amaphuzu eDStv Premiership ngo-7.30 ngoLwesibili ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
ISwallows ikhombise izimpawu zobungozi ibambana ngo 0-0 neChiefs koweligi ngoMgqibelo eFNB Stadium.
Umqeqeshi utshele ithimba labezindaba loSuthu, ukuthi ngeke abavumele abadlali bakhe bazitshele ukuthi iSwallows izovuma kalula ukwehlulwa ngenxa yezinkinga zayo zakamuva. ISwallows ilahlekelwe amaphuzu ayisithupha ngenxa yokungayi enkundleni emidlalweni emibili ngesikhathi kuteleke abadlali abebekhala ngokungaholelwa.
Ukushuba kwesimo kuholele ekutheni abanye abadlali baxoshwe ngemuva kokutholakala benecala yikomiti lezigwegwe leqembu. IZinyoni zibuye zashiywa umqeqeshi nguSteve Barker, kumanje kubambe uMusa Nyatama ebhentshini.
“Sisesimeni lapho singenawo khona uphawini wokulahla amaphuzu kodwa iphutha esingeke silenze ukuthatha kancane iSwallows, ekubeni ikucacisile kowayo neChiefs ukuthi ayihluke ngalutho kule esiyazi ngaphambi kwezinkinga,” kusho uCijimpi.
Emidlalweni emibili yakamuva yeligi Usuthu luthole induku kwiCape Town Spurs, nakwiMamelodi Sundowns. Le miphumela iphahle owodwa oncomekayo weNedbank Cup lapho lunqobe iRoyal AM.
Indlela abenza ngayo abalandeli uma Usuthu ludlalela eMlaza, ibukeka iyithola indawo kuCijimpi oshaye indesheni ukuba abalandeli bakuleli lokishi bandise kulokhu abakwenze besiza iqembu koweNedbank.
“Kunomuzwa othile engingeke ngikwazi ukuwuchaza kodwa esiwuthola kuphela uma sidlalela enkundleni yaseMlaza, ngakho-ke nakoweSwallows ngifisa ukuthi lokhu kuqhubeke.
“Ngiyazicelela ukuba nakulokhu baphinde baphume ngobuningi babo ngoba uma bekhona iqembu liyazikhumbula ukuthi lingobani futhi nendlela yokudlala iba nomfutho ngenxa yengoma esho kunanele inkundla yonke,” kuqhuba uCijimpi.
La mazwi kaCijimpi ananelwe, nguCelimpilo Ngema, olixova esisiwini oSuthiwini.
“Imiphumela yethu yakamuva kwiligi ayimihle kodwa umdlalo weSwallows usinika ithuba lokulungisa amaphutha esiwenzile,” kusho uNgema kuleli thimba loSuthu labezindaba.
“Okumnandi ukuthi sidlalela eMlaza, lapho abalandeli bethu bahlala bephume khona ngobuningi babo cishe ngaso sonke isikhathi. Siyabamema ukuba nakulokhu baphinde baphume ngoba uma bekhona nakithina umfutho uyazinyukela,” kuncenga uNgema.