USEJIKE umqondo ngesitayela abefuna sidlalwe AmaZulu FC umqeqeshi wawo, uPablo Franco Martin, kulandela ukuqaphela ukuthi kuningi okufanele kulungiswe eqenjini ngaphambi kokucabanga ngokudlala leli okuthiwa linenkosi phakathi.
Lo mqeqeshi oteketiswa ngelikaCijimpi, ukuveze lokhu ngesikhathi kusongwa i-KZN Premier’s Cup ayidle emaphenathini kwiRichards Bay FC ngeSonto, ePrincess Magogo Stadium.
Ngesikhathi efika kuleli emasontweni ambalwa adlule, lo mqeqeshi waseSpain, uthembise ukudlalisa ibhola elidla utshani.
Ngaleso sikhathi watshela abezindaba ukuthi ukholelwa ekutheni kufanele lidle utshani kodwa inkulumo yakhe yakamuva ikhomba ukuthi usewujikile umqondo ngenxa yakufice kuMaZulu.
Nakuba engalibeki ngembaba lo mqeqeshi kodwa indlela abezinikina ngayo ngesikhathi kuqhubeka le midlalo, ibikucacisa ukuthi uyanengeka uma abadlali bakhe belishaya phambili ibhola.
Ekhuluma nabezindaba ngeSonto, KwaMashu, uMartin uvule isifuba ngokufika kwakhe nomqondo othile kuMaZulu kodwa wafica okunye.
“Uma ungumqeqeshi ofika ngendlela efanayo nale engifike ngayo kuMaZulu, ufika nezinhlelo nomqondo wokuthi ufuna iqembu lakho lidlale kanjani,” kusho uMartin.
“Kungicacele sengifikile ukuthi ngenxa yalokhu esinakho, kufanele siqale ngokwenza iqembu likwazi ukulwa emidlalweni kuqala.
“Kulapho kuqhamuke khona umqondo wokuthi mhlawumbe kufanele sithi ukuma kancane ngalokhu esifisa kudlalwe iqembu kepha sigxile ekuliqiniseni ikakhulukazi emuva.
“Lokhu kuzitolika ngokuthi indlela yokudlala ebenginayo emqondweni kufanele ishintshe ngoba okumqoka ukudlala ngendlela efanele bese siyalandela-ke isitayela.
“Ngicabanga ukuthi lokhu engikwenzayo ikhona AmaZulu abeshoda ngakho ngesizini edlule ngakho-ke kumqoka ukuqala ngokufanele ukuze sibe nesisekelo sokwakhela kulokhu esifuna ukukwakha,” kusho lo mqeqeshi.
Uthe wenelisekile ngendlela abadlali abakhombisa ngayo intshisekelo yokubamba lokhu abatshela khona.
UMartin ukhalile ngokuhlelwa kwemiqhudelwano yalolu hlobo ekubeni sekusondele ukuthi isizini iqale.
“Yebo silungiselela ukuqala kwesizini kodwa ukudlala kathathu imidlalo enzima ngaphansi kwamahora angu-30 kuyingozi kubadlali.
“Asikwazanga nokujabulela ukuthi siyodlala owamanqamu womqhudelwano ngoba besimincele ukuthi kungalimali muntu ngoba uma kwenzeka lokho isikhathi sokululama asikho njengoba isizini iqala.
“Kuhle okwenziwa ngale miqhudelwano kodwa ngokuzayo kungakuhle ihlelwe kusenesikhathi ukuthi kuqale isizini entsha,” kusho uMartin.
Lo mqeqeshi ukhuluma kanjena nje, Usuthu luyingxenye yePrince Mangosuthu Buthelezi Legacy Cup ezokuba ngoJulayi 29, Olundi, okuzothi uma iphela kube sekusele izinsuku eziyisithupha ukuba kuqale isizini entsha yeDStv Premiership.