NAKUBA uPablo "Cijimpi" Martin ongumqeqeshi waMaZulu FC, ebona kusamele basebenze kanzima ukuqinisa zonke izindawo kodwa ukholelwa ekutheni iqembu lakhe seliqala ukuba yilo mshini awufunayo.
NgoLwesithathu, uSuthu lunqobe umdlalo wokuqala lushaya iTS Galaxy ngo 1-0 wegoli lika-Augastine Kwem alivalele enethini esiwombeni sesibili emdlalweni weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Luye kulo mdlalo luphuma esibhaxwini sika 3-0 elusithole kwiKaizer Chiefs.
UMartin obezwakala ejabule ngemuva komdlalo weGalaxy, ubongele abadlali bakhe, abalandeli, umengameli weqembu uSandile Zungu, ithimba lakhe labaqeqeshi nabo bonke abasebenzi baMaZulu.
"Ngesikhathi ngifika lapha angithembisanga ukunqoba izinkomishi noma ukuba phezulu kwi-log kodwa ngazibophezela ekutheni wonke umuntu uzoziqhenya ngaMaZulu. Nangemuva komdlalo esishaywe kuwo bengingakhathazekile. Wonke umuntu wababona abadlali bami ukuthi balwa kanjani. Besingelona iqembu elidlala kabi. Ngokunqoba kwiGalaxy akusho ukuthi sesiyiMachaster City. Kumele siqhubeke nokusebenza kanzima. Kumele siqhubeke nokukholelwa kwesisebenzela kukona. Emdlalweni weGalaxy ngibone lokhu engifisa Usuthu lube yikho" kubeka uMartin.
Uqhube wathi:" Emdlalweni weGalaxy ngibone abadlali bami behlasela ngendlela eyisimanga. Sakhe inqwaba yamathuba. Nasemuva abadlali bami bebengafuni lutho. Kuyizinkomba ezinhle ukuthi kasingenelwanga goli emidlalweni emine. Yinto eyimvela kancane le kwamanye amaqembu. Ekugcineni sesiyawashaya amagoli. Okumele sikwenze manje ukubamba lo mgqigqo emidlalweni elandelayo.“
Usuthu luzothola isikhathi esanele sokulungiselela umdlalo olandelayo neCape Town City, khona eMoses Mabhida Stadium. Lo mdlalo uzoze ube ngoSepthemba 17.
IGalaxy ebiyiqale kahle isizini ngoLwesithathu beyishaywa okwesibili kulandelana. Ngaphambi kowoSuthu beyishaywe iRoyal AM.