UKHATHAZEKILE uPablo "Cijimpi" Martin, umqeqeshi waMaZulu FC ngokuba buthuntu kwabadlali bakhe ekwakheni amaqhinga aholela ekutheni bashaye amagoli.
Emdlalweni wokuvula isizini ka-2023/24, ezikaMartin zibambane ngo 0-0 neRoyal AM. NakowangoLwesithathu bebhekene neSuperSport United kube umphumela ofanayo.
Nakuba uSuthu luqoqe amaphuzu amabili futhi aluzange lungenelwe yigoli kodwa uMartin uthe kuyakhathaza ukuthi abadlali bakhe bayahluleka ukudlala ngendlela ephakela abagadli, ukuze bashaye amagoli.
Emdlalweni weRoyal AM amabhola ayingozi akhiwe wuSuthu abe mabili kuphela, aba mathathu kwiSuperSport.
"Ukungangenelwa yigoli nathi siphinde sihluleke ukubhakuzisa inethi kusho kuthi sisizwe yindlela esimake ngayo. Kule midlalo yomibili uma kuyiwa phambili besingabahle neze. Emalungiselelweni ale sizini besidlala kahle, siwashaya namagoli. Nasejimini senza kahle kakhulu.
“Kwesinye isikhathi emdlalweni akusizi kangako okushiwo noma okwenziwe abaqeqeshi ejimini. Kuphinde kuncike ekuhlakanipheni komdlali nasebukhalini bakhe. Kodwa eyokuba buthuntu phambi kwamapali, yinkinga ebhekene namaqembu amaningi. Kuzomele siyilungise ngokushesha indlela yokudlala ezosakhela amathuba,” kuchaza uMartin.
Uveze ukuthi ukhona umdlali wangaphandle asebemsayinisile, akholwa wukuthi uzoba wusizo ekuhlakazeni izitha.
"Sisayinise umdlali wasesiswini okwaziyo ukuhlasela. Ngikholelwa ekutheni ukufika kwakhe kuzosisiza. Okwamanje akakafiki, usabanjwe indaba ye-visa.“
Lo mqeqeshi ubuye wakugcizelela ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi kuhlangane lokhu akwakhayo kuMaZulu.
“Sikhumbule ukuthi ngesizini edlule siqede kweyesi-12. Ngangishilo ukuthi kuzomele sibekezele, kuzothatha isikhathi ukuthi sidlale ngendlela esifisa ngayo. Lapha sizama ukwakha into ehlukile," kubeka uMartin.
Mayelana nomdlalo weSuperSport, ubonge wanconcoza abadlali bakhe ngokuthola iphuzu.
USuthu luqede lungasaphelele ngenxa yokukhishwa ngekhadi elibomvu kukaThembela Sikhakhane, ogxobe ngamasibomu onyaweni uShandre Cambell, osuka ezinkulisa yeSuperSport.
USuthu luzodlala nomkhaya balo koweligi iRichards Bay, ngo-Agasti 19, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.