NGEKE akuvumele ukubuswa yigqubu ngenxa yomlando wabo ne-TS Galaxy kwiCarling Knockout Cup umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, yize kusobala ukuthi abadlali bakhe babona ngeso elihlukile.
Usuthu luzovakashela amaRockets koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama, eMbombela Stadium.
Nakuba umgadli woSuthu, uVictor Letsoalo, engazange akufihle ukuthi bonke ekhempini babheke ukuziphindiselela kwiGalaxy kodwa umqeqeshi wakhe odume ngelikaCijimpi uzwakale njengomuntu ongekho lapho yena.
NgoDisemba nyakenye Usuthu lushayelwe iGalaxy ekhaya kowandulela owamanqamu weCarling.
“Bonke abadlali isabadla indlela iGalaxy esikhiphe ngayo kwiCarling ngakho-ke siya kulo mdlalo sinawo umqondo wokuziphindiselela,” kusho uLetsoalo esithangamini nabezindaba.
UCijimpi nokho akasiboni isidingo sokuzixaka ngegqubu kodwa akanankinga nalo uma lizomnika amaphuzu amathathu okuyiyona nto athe uyiyela eMbombela.
“Angiwubuki lo mdlalo njengethuba lokuziphindiselela ngokwenzeke ngonyaka odlule kwiCarling kepha ngibona uphawini wokwandisa emaphuzwini esinawo ukuze sikhuphuke kwi-log.
“Mina iGalaxy ngiyibona njengeqembu elimi phambi kwami namaphuzu engiwadingayo. Indaba yokuziphindiselela ngosekwadlula angikho kuyona kodwa futhi uma yenza abadlali bami bazinikle nakakhulu okuzolandelwa amaphuzu amathathu, anginankinga nendlela abazizwa ngayo,” kuqhuba lo mqeqeshi waseSpain.
Indlela iGalaxy esefomini ngayo kulezi zinsuku ikakhulukazi emidlalweni yayo yasekhaya yikhona okuxukuza umqondo kaCijimpi hhayi okunye ngokusho kwakhe.
“Siya emdlalweni onzima futhi okusiphoqayo kuwona ukuthi yonke into siyenze ngendlela eqondile kusukela umdlalo uqala kuze kube uyaphela.
“Uma singakwenzi lokho sizoba nenkinga ngenxa yefomu ekuyona iGalaxy emidlalweni yayo yasekhaya,” kuxwayisa uCijimpi.
“Esingakukhulekela ukuthi okungenani inhlanhla ibe ngakithina kulokhu ngoba kweminye (imidlalo) iyasibalekela kanjalo nezinqumo esingenawo amandla okuziphikisa zinokulumela ngakithina kule sizini.
“Kuwumsebenzi wethu ukulungisa amaphutha esiwenze sibhekene neGalaxy kwiCarling kodwa okumqoka ukuqinisekisa ukuthi siyaqhubeka nomgqigqo wethu wakamuva wokungehlulwa emidlalweni yasekuhambeni,” kuphetha uCijimpi.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
NgoMgqibelo - Ngo-3.30pm: Cape Town City v Kaizer Chiefs (Athlone Stadium); Stellenbosch v Royal AM (Danie Craven); Golden Arrows v Richards Bay (Mpumalanga Stadium); Polokwane City v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium).
Ngo-5.30pm: TS Galaxy v AmaZulu (Mbombela Stadium).
Ngo-5.45pm: Sekhukhune United v Orlando Pirates (Peter Mokaba Stadium).