AMAZULU FC aya ngokuya encishelwa ngamathuba okuzibekisela indawo kwiTop 8 ngokuphela kwale sizini yeDStv Premiership esiya ngokusongwa njengoba elokhu eqhubekile nokulahla amaphuzu.
Nokho, umqeqeshi uPablo “Cijimpi” Martin, uzwakala esenethemba ngokubhukula kwezakhe emidlalweni eyisishiyagalombili ebasalele.
AmaZulu aphinde alahla amaphuzu ebambana ngo 0-0 nePolokwane City ekhaya kowePremiership ngoLwesibili, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Abebuya esibhaxwini sika 2-0 abesithole kwiTS Galaxy ngempelasonto ekuhambeni.
AmaZulu angakanqobi nowodwa umdlalo weligi kulo nyaka, ukuqhubeka kwawo nokulahla amaphuzu ngale ndlela kuya ngokuya kuyiqongisa ingcindezi kuMartin osekufanele nakanjani afake leli qembu kwiTop 8 ngokuphela kwesizini. Sekucacile ukuthi umgomo ayebekelwe wona ngusihlalo waleli qembu, uSandile Zungu, wokubeka iqembu kwiTop 4 ngeke usafezeka.
“Okubaluleke kakhulu kithina njengamanje wukuthi yonke imidlalo esisalele sidlalele ukubuya namaphuzu kuyona, kithina yonke ifana neyamanqamu.
Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi siqoqe amaphuzu ukuze sikhuphuke kwi-log singene kwiTop 8, ngoba inhloso enkulu njengamanje kithina yileyo,” kusho uMartin kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Njengoba siyodlala neCape Town City kubaluleke kakhulu ukuthi sibuye namaphuzu kulowo mdlalo yize kuzoba ngonzima, okuyinto ezosikhuthaza kakhulu ngaphambi komdlalo weNedbank Cup esizowudlala nePirates.
Sifuna ukuyihlula iPirates osekunesikhathi eside sagcina ukuyihlula, siqophe nomlando ngokufinyelela esigabeni sowandulela owamanqamu osekuphele iminyaka engu-12 sihluleka ukukwenza.”
AmaZulu azobhekana neCity ekuhambeni kowePremiership ngeSonto ngo-5 ntambama, eCape Town Stadium, eKapa.
Ngemuva kwalo mdlalo, Usuthu luzogadulisana nePirates emdlalweni wama-quarterfinal eNedbank Cup obhekwe ngabomvu ngo-Ephreli 13, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Usuthu olwagcina ngoDisemba 29 ukunqoba umdlalo weligi ngokuguqisa iRoyal AM kowabakhaya, lusalelwe yimidlalo eyisishiyagalombili ebukeka ingelula. Phakathi kwayo kubalwa iPirates olusazodlala nayo futhi koweligi ngo-Ephreli 20 ngemuva koweNedbank, kube yiChippa United, iRichards Bay FC neKaizer Chiefs.