IKAIZER Chiefs iqede ukuqagela imemezela abadlali obekuvele sekunesikhathi bemataniswa nayo.
Amakhosi aqinisekise ukuthi usengowayo umgadli uRanga Chivaviro obedlalela iMarumo Gallants egawulwe yizembe kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini edlule.
Lokhu kwenzeke phezu kokuba lo mdlali ubephika ema ngentaba uma kukhulunywa ngeChiefs.
Nokho okubhekiwe yindlela iChiefs eyixazulule ngayo indaba kaChivaviro kwazise ibimbanga neRichards Bay.
ElaseKZN nalo likuqinisekisile emasontweni adlule ukuthi usayine kulo inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokuyivuselela ngowodwa.
UChivaviro usayine inkontileka efanayo neChiefs.
Amakhosi aphinde aqinisekisa ukuthi asayinise uPule Mmodi obedlalela iLamontville Golden Arrows obese kuphele izinyanga ekhonjwa kuyo.
UMmodi, onqume ukungayivuseleli inkontileka kuBafana Bes'thende, uzohlala iminyaka emithathu eNaturena.
Ngaphezu kwalaba badlali iChiefs imemezele ukuthi isayinise umdlali wasesiswini waseVenezuela u-Edson Daniel Castillo Garcia inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokuyivuselela ngowodwa.
UGarcia osuka kwiCaracas yangakubo, udlalele amaqembu esizwe abasakhula kuleli zwe eliseSouth America.
Amakhosi aqinisekise nokuthi asayinise uMduduzi Mdantsane obedlala esiswini kwiCape Town City inkontileka yeminyaka emithathu, Thatayaone Ditlhokwe obeyisitobha seSuperSport United inkontileka yeminyaka emine noGiven Msimango osuka kwiTS Galaxy ozohlala eNaturena iminyaka emine.
IChiefs kulindeleke ukuthi imemezele abanye abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini kwazise kukhona ekhuluma nabo.