KUVELA isizathu sokungabonakali kukaMakhehlene Makhaula ojoyine i-Orlando Pirates ngosuku lokugcina lokuvalwa kwewindi lokuhwebelana ngabadlali likaJanuwari.
Ukushiya AmaZulu kwalo mdlali wasesiswini kusaseli izinyanga eziyisithupha kuphele inkontileka yakhe kwenze iningi labalandeli beZimnyama laqagela ukuthi zifuna ukumsebenzisa ngokushesha. Usayine kuzo inkontileka yonyaka nohhafu.
Esiswini soSuthu wenze umsebenzi oncomekayo selokhu afika ngesizini ka-2020/21 ephuma kwiHighlands Park. Emidlalweni ewu-83, ulime indima enkulu ekutheni AmaZulu angene okokuqala emlandweni kwiCaf Champions League.
Selokhu uMakhaula (33) efikile kwiPirates usadlale emithathu kuphela yeDStv Premieship nowodwa we-Last 16 Nedbank Cup.
Kowokuqala weligi udlale imizuzu ewu-15 beshaya iMaritzburg United, wagijima emithathu kwabadliwe iKaizer Chiefs, waphinde wadlala imizuzu ewu-85 koweSwallows agcine ukubonakala kuwo.
Kwabaningi kakucaci ukuthi kungani umqeqeshi, uJose Riveiro engamdlalisi uMakhaula kulezi zinsuku?
USizwe Ntshangase ophethe izindaba zalo mdlali uveze ukuthi akusikhona ukuthi uRiveiro akamuzwa uMakhaula.
"UMakhehleni wathinteka ngesikhathi iPirates idlala neSwallows emasontweni edlule. Akukona ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi. Okuhle ukuthi useluleme, useqalile nokujima. Okunye ukuthi uphinde wacela nokuthi anikwe isikhashana sokuphumula. Udlale kakhulu kuMaZulu. Njengoba ngisho, sekukumqeqeshi ukuthi uyamdlalisa yini kule midlalo esele," kubeka uNtshangase.
Ngemuva komdlalo neSwallows, uRiveiro wayincoma indlela adlale ngayo uMakhaula odabuka eMohlakeng, eRandfontein.
"Besidinga ukuphepha enkabeni yesisu. Lokho kusisizile ukuthi singahlaselwa kalula izitha. Okubalulekile ukunika abadlali ithuba lokusebenzisa ibhola ngendlela efanele nokuthi sihlale sisengxenyeni yomhlaba wezitha," wacashunwa esho kanje uRiveiro.
UNtshangase ophinde aphathe izindaba zikaSifiso Hlanti (32) odlala emuva ohlangothini lwesinxele kwiKaizer Chiefs, uthe bazokwazi ekupheleni kukaMeyi, ukuthi leli qembu lizoyivuselela noma cha inkontileka yalo mdlali. Iphela ekusongweni kwale sizini. Inombandela wokuvuselelwa ngonyaka.
Kusukela ngoSepthemba, uHlanti usephenduke esinye sezithenjwa zika-Arthur Zwane. Uyiqale aphinde ayiqede imidlalo. Usedlale ewu-24 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.