USIVIWE “Chippa” Mpengesi, ongusihlalo weChippa United nodume ngokuxosha abaqeqeshi, uthi akanalo uvalo ngethimba lakhe yize sebedonse imidlalo emihlanu benganqobi.
Ihluliwe kwemibili yadlala ngokulingana kwemithathu.
“Akusizi ukwenza izinguquko ngokuxosha umqeqeshi ngalesi sikhathi sesizini, uqashe omunye osazoqala phansi afunde iqembu,” kusho uMpengesi, emuva kokuba ezakhe zibambane neRoyal AM ngo-1-1 eChatsworth, eThekwini ngempelasonto.
“Sesidlale imidlalo engu-18 sabuya namaphuzu angu-20, ngicabanga ukuthi kukhona lapho siya khona.
“Ngisahlabeke umxhwele ngethimba labaqeqeshi ngomsebenzi walo, yize kusekhona izindawo lapho okusafanele lenze kangcono kuzo.
“Anginalo ixhala ngoba uma nje singanqoba umdlalo owodwa noma emibili singaba sendaweni engcono kakhulu kwi-log.”
IChilli Boys, esendaweni yesishiyagalolunye njengamanje kwi-log yePremiership, ibuyela ensimini ngeMaritzburg United, ngeSonto, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Kuyimanje iChippa icijwa nguMorgan Mammila, olekelelwa nguSiyabulela Gwambi noKurt Lentjies osanda kubuyiswa.
Mayelana nokubuyisa uLentjies, uMpengesi uthe:
“ULentjies uyohlale eyingane yami, lapha kwiChippa singumndeni oxolelayo. Indlela esahlukana ngayo naye ngesizini edlule ayibanga yinhle, ngakho-ke sibe sesibona ukuthi sihlale phansi naye sikhumelane umlotha.”
ULentjies ukhuza ubuya nje, wayekhonjwe indlela kuleli qembu ngaphambi kokuqala kwale sizini phezu kokuba ayihlenga ezembeni ngesizini edlule.
Kwaqala ngokuthi anikwe ikhefu eliyisipesheli, kodwa ibhantshi lagcina ligcwale umoya, isikhunda sakhe sabe sesithathwa nguDaine Klate, oqale le sizini.
UKlate uxoshwe emuva kwemidlalo eyisikhombisa, indawo yakhe yathathwa nguMammila.
“Ukubuya kwakhe (uLentjies) sibona kuzothela izithelo ngoba iningi labadlali abakhona njengamanje la eqenjini ngabadlali abalethwe nguye. Kuzoba lula kubo ukusebenza naye,” kusho uMpengesi.