KUZWAKALA kungamethusi nakancane uSipho Chaine ongunozinti wokuqina we-Orlando Pirates ukuvela kwezindaba zokusayiniswa eqenjini lakhe kukaMelusi Buthelezi ovimba kwiTS Galaxy.
Nakuba womabili lamaqembu engakaqinisekisi lutho ngokudayiselana ngoButhelezi kodwa imibiko ehlukene yabezindaba iveze ukuthi lo nozinti waseNquthu usesemabhukwini eZimnyama.
Ngokuthola kwaleli phephandaba uButhelezi usayine iminyaka emithathu. Umthombo weSolezwe uthe izindaba zokujoyina iPirates ziqale zavezwa kubadlali beTS Galaxy ngusihlalo wabo uTim Sukazi ngeledlule ngaphambi komdlalo weSekhukhune United.
Kuthiwa sekunetemu labadlali beThe Rockets elithi eGalaxy kuzohamba izitimela ezimbili ezibheke eSoweto. Kuthiwa baqondise nakuGiven Msimango okhonjwa kwiKaizer Chiefs.
UButhelezi onemidlalo ewu-18 kubafana bakaSead Ramovic noseke wabizelwa kwiBafana Bafana, uzotheleka eMayfair kukhala isicathulo sikaChaine osevimbe ewu-16 yeligi.
UChaine (26) ubuye wanesandla ekufinyeleleni kweqembu lakhe kowamanqamu eNedbank Cup abazowudlala neSekhukhune United ngoMeyi 27, eLoftus Versfeld Stadium.
Nokho lamaqembu azoqale aqhuthane amazenze koweDStv Premiership, kusasa ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium.
Ebuzwa uChaine ukuthi uzizwa kanjani njengoba sekuvela ukuthi ngesizini ezayo ijezi usezolibanga noButhelezi, uthe akanankinga nenselelo.
"Ha ha! Ngiqala ngawe ukukuzwa lokho. Kodwa-ke empilweni jikelele inselelo ibaluleke ngendlela eyisimanga. Vele namanje nginenselelo enkulu ephuma kuRichard Ofori, Siyabonga Mpontshane nakuKopano Thutsane.
“Bahlale benza kahle ngaso sonke isikhathi. Uma ufuna ukuba umdlali owenza kahle kumele uthwale kanzima,“ kusho uChaine kwabezindaba izolo.
EzikaChaine zizoba namathuba amaningi okudlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo uma kusasa zishaye iBabina Noko.
Ukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu emidlalweni emibili esele yeligi, kungazenza ziqede endaweni yesibili kwi-log ngemuva kompetha iMamelodi Sundowns
IPirates isendaweni yesibili ngamaphuzu awu-50 emidlalweni ewu-28. Ezithendeni zePirates kuneSuperSport United ngawu-48 edlala neKaizer Chiefs kusasa.
UChaine okhiqizwe yizinkulisa zeBloemfontein Celtic, uthe umdlalo wakusasa ubaluleke kakhulu.
"Ngaso sonke isikhathi iPirates ihlale ifuna ukuqeda endaweni ephezulu. Kuhlale kumnandi ukudlala kwayo kwiChampions League. Seyidlale iminyaka kuyo. Sijabule ngendlela izinga esilinyuse ngayo.
“Nakuba kukhona esifuna ukukuzuza kodwa kwiPirates kuhlale kubalulekile ukunqoba ngaso sonke isikhathi. Yisiko lakhona.
“Lokhu kuzobe kungasho ukuthi sibe ngcono kuneMamelodi Sundowns kule sizini uma sinqobe neNedbank Cup. Asibheki okwenzeka kwezinye izindawo, kodwa sinomjaho obhekene ngqo nathi,” kuphetha uChaine.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Kusasa - Ngo-3pm: Royal AM v Swallows (Chatsworth Stadium); Cape Town City v Richards Bay FC (Athlone Stadium); Orlando Pirates v Sekhukhune United (Orlando Stadium); Maritzburg United v Stellenbosch (Harry Gwala Stadium); TS Galaxy v Chippa United (Mbombela Stadium); SuperSport United v Kaizer Chiefs (Royal Bafokeng); Lamontville Golden Arrows v AmaZulu (Princess Magogo Stadium).