UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ubhodle ngokumangazwa ngabadlali abebathembile abahlulwe yithuba lokuzifaka enhliziyweni yakhe ngesikhathi leli qembu lesizwe linqoba kwiBotswana kowobungani odlalwe ngoLwesibili ebusuku, e-FNB Stadium, eSoweto.
Nakuba iBafana inqobe ngo-1-0 wegoli likaTebogo Mokoena, uBroos, usale emangele ngodaka athe lushaywe abadlali abathile wakuqinisekisa nokuthi iningi labo ngeke libekhona ekhepini yaleli qembu lesizwe ezoba ngoNovemba.
NgoMgqibelo odlule, uBroos ubeshayeke ngaphakathi ngendlela iqembu lakhe elinenebule ngayo iSierra Leone (ngo-4-0) kowobungani lapho bekugqame khona uThemba “Mshishi” Zwane.
Kulo mdlalo weSierra Leone, iBafana ibinomfutho nezimpawu zokudlala ngokuhlangana zisobala ngale ndlela yokuthi, uBroos uze wakhuluma eyokuthi abadlali abasekhempini uya nabo bonke kwelandelayo ngoba bamhlabe umxhwele.
Ubesecula ingoma ehlukile lo mqeqeshi ngemuva komdlalo weBotswana, sekucaca nokuthi kuzomele akhulekele ukuthi kululame izithenjwa zakhe uPercy Tau, Bongokuhle Hlongwane, Fagrie Lakay noLyle Foster nabanye.
Abadlali abathathu abaqale umdlalo phambili u-Ashley du Preez, Pule Mmodi noKhanyisa Mayo, bebengenakho lokhu kushesha okubonakale kuMihlali Mayambela, Zwane noZakhele Lepasa koweSierra Leone.
Yize uBroos engazange aphathe gama lamuntu kodwa, omunye umdlali ongase abe sengozini yokuzitshwa uBroos, unozinti uVeli Mothwa, oze waphinda kabili ebandisa amathumbu alo mqeqeshi nezibukeli ejika abagadli beBostwana ngaphandle kwebhokisi, esikhundleni sokususa umhlola ekhaya.
Yize ewujabulele umphumela kwiBotswana kodwa uBroos, usale ephoxekile ngeqembu abelibophele kulo mdlalo.
“Ngineme ngokuwina le midlalo yomibili njengoba besihlelile kodwa angineme neze ngendlela esidlale ngayo neBotswana futhi kungicacelile ukuthi kunabadlali abahlulekayo esigabeni samazwe,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba.
“Sinqume ukuba namaqembu amabili ahlukene ukudlala le midlalo edlule ngenhloso yokubona ukuthi yini engenziwa abadlali kodwa engikubone koweBotswana, akuzange kungijabulise neze yize siwunqobile umdlalo, okuyikhona ebesikuzele enkundleni.
“Kuningi esikufundile kulo mdlalo ngoba abadlali abaningi besiqala ukubabonela eduze. Iningi labo ngeke sibenabo ekhempini elandelayo.
“Ngeke ngibasho ngamagama kodwa iqiniso ukuthi ngiphoxekile ngabadlali ababatshazwayo kwiPSL kodwa kucacile kulo mdlalo ukuthi abekho ezingeni elidingekayo.
“Amazinga ahlukene vele kodwa lokhu akusho ukuthi umdlali akakwazi ukukhuphula umdlalo wakhe uma kuphoqa ukuthi kufanele enze lokho.
“Kuyabacasula abantu bakuleli uma ngikhuluma iqiniso ngokuthi kunabadlali abasatshwayo kwiPSL kodwa kuthomba okhiye uma sebefike kweyamazwe.
“Ngimdala ebholeni ngilazi ukusuka nokuhlala ngakho konke engisuke ngikusho kuyiqiniso. Kuleli, iqiniso liyabacasula abantu,” kusho uBroos.
Umqeqeshi weBotswana, uMogomotsi Mpote, ubonge ithuba abalitholile kwazise sekunesikhathi bengadlali kanti neligi yabo ayikaqali.