UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uqaphele uvalo namatata kubadlali abathile ngesikhathi leli qembu lesizwe linqoba ngo 2-1 kwiCape Verde sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni we-quarterfinal ye-Africa Cup of Nations (Afcon), ese-Ivory Coast.
IBafana iqophe umlando ngokunqoba lo mdlalo emaphenathini kade uphele zibambene ngo 0-0 eYamoussoukro, ngeSonto ebusuku.
Bese kuphele iminyaka engu-24 iBafana igcine ukungena kweyandulela eyamanqamu yalo mqhudelwano ewudle iwungenela okokuqala ngo-1996.
Le wini yeBafana obekugqame kuyona ukaputeni wayo, uRonwen Williams, iqhathe leli qembu lesizwe nezitha zeminyaka iNigeria kowandulela owamanqamu ozoba ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku ePeace Stadium of Bouake.
NgokukaBroos, iBafana ishaye udaka koweCape Verde kangangokuthi kusukela ifikile e-Ivory Coast, ayikaze ibhede ngale ndlela athi ibhede ngayo.
“Kuyona yonke imidlalo esiyidlale kusukela sifike kwi-Afcon oweCape Verde iwona ebesisezingeni eliphansi kunayo yonke kusukela uqala kwaze kwaba uyaphela,” kusho uBroos esithangamini seCaf nabezindaba.
“Nakuba sishayiwe kwiMali kodwa sidlale kahle, kube yinto efanayo kwiNamibia, Tunisia nakwiMorocco kodwa kwi-quarter final ngibone ngenye indlela.
“Mhlawumbe ukuhamba nokushuba komqhudelwano kuyabasinda abanye abadlali kodwa kukhona engibona kubona izimpawu zokuba novalo.
“Kuyenzeka kubadlali abangazijwayele izimo ezifana nalesi esizithola sikusona ukuthi bathwale kanzima ngoba bengenaso isipiliyoni. Ukukhula kwengcindezi yokwenza kahle kuyabasinda abanye ingakho singazange sidlale kahle kwiCape Verde.
“Angikhali kangako ngoba ebesikuzele iwini esiyitholile kodwa umdlalo uthe uyophela bese ngiphelile ukuguga ngenxa yokuminca,” kuqhuba lo mqeqeshi waseBelgium.
Mayelana nokubhekana neNigeria uBroos uthe: “Asingabazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima kodwa kuwona womabili amaqembu esizwe.
“Siphoqelekile ukulungela ukubhekana nanoma ubani obekwa phambi kwethu njengoba umqhudelwano usukuleli zinga okulona,” kuphetha uBroos.
Lo mdlalo iBafana iwuqede sekudonseke umsipha, kuThapelo Maseko, obengene esiwombbeni sesibili.