UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uphumele obala ngokuheheka kweso lakhe ngensephe esencane ye-Orlando Pirates, uRelebogile Mofokeng, ayichaze njengomunye wabadlali yena nephini lakhe, uHelman Mkhalele, abathathekile ngendlela alihlikihla ngayo.
Indaba yokuthatheka kwakhe noMkhalele ngoMofokeng, uBroos uyisho esithangamini nabezindaba lapho ebememezela khona iBafana ehambe ngeSonto, ibheke kwelase-Algeria ukuyoba ingxenye yemidlalo yobungani ehlelwe yiFifa.
Kulesi sikwati sikaBroos sabangu-23, kusale ngaphandle abangu-10 lo mqeqeshi waseBelgium abehambe nabo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka.
Ngaphandle kwalaba badlali abangu-10, uBroos achaze kabanzi ngokusala kwabo, kwabaningi kuvuke umbuzo ngoMofokeng kwazise ungomuye wabadlali abagqamile eNingizimu Afrika kulezi zinsuku.
UMofokeng (19) unemidlalo engu-24 esigabeni esikhulu kulandela ukukhushulwa kwakhe esuka kwiDStv Diski Challenge (DDC) kumasizini amabili adlule.
Muva nje, ubengomunye wabadlali abazikhombisile ukuthi bangcono kowabakhaya iPirates ewunqobe ngo 3-2 e-FNB Stadium, bekhona uBroos noMkhalele.
Ubuziwe lo mqeqeshi ngokuziba kwakhe uMofokeng ngesikhathi ezokwethulwa isikwati ahambe naso ukuya e-Algeria.
“Isichazile sinoMkhalele indlela adlale ngayo kowabakhaya baseSoweto muva nje, ngoba bekungelula kodwa wadlalisa okomuntu osenokhakhayi oluqinile,” kusho uBroos.
“Ungumdlali osihlaba umxhwele ngakho-ke ngeke sikufihle ukuthi sithathekile ngaye. IBafana iyabadinga abanye oMofokeng abancane ngokweminyaka kodwa abayizithenjwa kubaqeqeshi babo.
“Ileyo kuphela indlela esizokhuphula ngayo izinga leBafana ngoba lokhu okuhle akwenzayo kungase kumsinde uma esefike kwiBafana.
“Isuka lapho-ke indaba yokungajahi ukumbizela eqenjini lesizwe engakavuthwa ngokwanele ngoba asifuni ukumbulala. Simkhonzile kakhulu sinoMkhalele.
“Iqiniso ukuthi usendleleni ebheke kwiBafana, inqobo nje uma iqhubeka nokumdlalisa iPirates,” kuphetha uBroos.