UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ubheke okungaphezulu kwakubone iqembu lakhe lilobola iSierra Leone uma selizwana amandla nomakhelwane, iBotswana, namuhla ngo-6 ntambama eFNB Stadium, eGoli.
IBafana inenebule iSierra Leone ngo-4-0 kowobungani odlalwe ngempelasonto edlule enkundleni efanayo.
Kulowo mdlalo iBafana ikhombise izimpawu zokuphaphama iholwa nguThemba Zwane obesekunesikhathi eside engabonakali kwelesizwe ngenxa yokuzitshwa nguBroos.
IBafana isebenzisa le midlalo ukuzicijela eyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqhubeka ngonyaka ozayo.
Elakuleli lashaywa yiMorocco ngo-2-1 kowokuqala wamaqoqo. Lizodlala kabili neLiberia ngenhloso yokubekisa indawo yalo kwi-Afcon ezoba se-Ivory Coast ngo-2024.
UBroos uzwakalise injabulo enkulu ngokunqoba nangakho konke okwenziwe abadlali bakhe kodwa wabakhumbuza ukuthi uma bezozithambisa kwiBotswana, kuzogqibeka konke lokhu okuhle abakwenzile kwiSierra Leone.
“Besiyidinga ngendlela exakile le wini esiyithole kwiSierra Leone ngoba iBafana ibilandelwa ubumnyama bodwa kusukela sihluleke ukuzibekisela indawo koweNdebe yoMhlaba,” kusho uBroos ethimbeni leSouth African Football Association (Safa) labezindaba.
“Ngaphandle kwendlela esidlale ngayo, bekunokuzethemba nasendleleni ebesakha ngayo amathuba okushaya amagoli okuyinto ejabulisile ngoba ayijwayelekile.
“Kuyaphoqa ukuthi sidlale ngendlela efanayo noma sibe ngcono kunalokhu uma sesibhekene neBotswana ngoLwesibili.
“Akwanele esikwenze kwiSierra Leone uma singeke siwuqede umsebenzi ngeBotswana okuyinto enobungozi bokusibuyisela ebumnyameni esisuka kubona njengeqembu,” kusho uBroos.
Kubhekwe isikimu esihlukile kwesiqale umdlalo weSierra Leone kulo wanamuhla kwazise uBroos uthembisile ukubasebenzisa bonke abadlali ababizile kule khempu.