ULENGELWA yizembe umqeqeshi weSwallows FC, uDylan Kerr, obizelwe emhlanganweni ophuthumayo ngusihlalo weqembu emuva kokuthelwa ngehlazo yiLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership ngoMgqibelo.
ISwallows, esendaweni ka-14 kwi-log yePremiership, isawine imidlalo emibili kuphela kule sizini. Emuva kokubhabhadiswa yi-Arrows ngo-4-0 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, abalandeli bafune ukumudla luhlaza uKerr. Ngesikhathi esazama ukuchazela abezindaba ngokwenzeke enkundleni, uKerr ufonelwe ngusihlalo, uDavid Mogashoa.
Esebuya kokhuluma naye ocingweni, utshele abezindaba ukuthi usebizelwe emhlanganweni.
"Ngizohlangana naye ngoMsombuluko ngo-5 ntambama. Uthi siyehlulwa," kusho uKerr esusa ucingo endlebeni.
"Ekugcineni angihlulwa mina enkundleni. Ngilungiselela isikimu engikholelwa wukuthi sizowina imidlalo. Ngicija iqembu engikholelwa kulona. Ngisebenza nabo laba bafana zonke izinsuku,“ kuqhuba uKerr.
“Ekuqaleni kwesizini ngithe ngicabanga ukuthi singayilwela iligi ngendlela iPremiership ehamba ngayo. Mhlawumbe abadlali sebephelelwe wukungethemba ngoba ngeke ngibagcine bonke bejabule. Lo mdlalo ubeka phambili imiphumela ekugcineni. Ubeka ithemba lakho kubadlali ukuthi bayokwenzela umsebenzi. Manje ngizwa amahlebezi okuthi abadlali abadala, ngoba angibadlalisi, sebengiphendukele. Mhlawumbe bazama ukusabisa bonke abanye ukuze bengangiwineli."
UKerr uhlale isikhathi eside engayitholi imvume yokusebenza eMzansi phezu kokuba eseneminyaka eqeqesha kuleli. Lokhu kwenze ukuthi kuhlale uMusa Nyatama ebhentshini leSwallows emidlalweni yokuqala.
Bekubhekwe ukuthi ukulungelwa amaphepha kwakhe kulethe uzinzo ebhentshini leZinyoni.
"Emuva kwalo mphumela angazi ukuthi usihlalo ucabangani. Kodwa kufanele umunwe ngiwubhekisa ngakimina okuyinto engizoyenza. Uma usihlalo ebona ukuthi sekuyisikhathi soshintsho, yisinqumo sakhe leso. Angicabangi ukuthi bekuwumdlalo obekufanele uphele ngo-4-0 lona. Asiwasebenzisanga amathuba. Ngiyazi ukuthi uma ngibophele isikimu ngenxa yengikubone phakathi nesonto, engikubone izolo (ngoLwesihlanu) ejimini. Ngicabanga ukuthi abadlali kade bezethemba, bejabule. Kodwa uma wenza amaphutha uyajeziswa," kusho uKerr.
UKerr akazange aphendule uma ebuzwa ukuthi ngabe zikhona yini ezinye izinkinga kwiSwallows ngaphandle kwezasenkundleni.
Isalokhu iqhamukile imibiko ekhomba ukuthi iqembu alimile kahle ngokwezimali.
Okuqaphelekile ngemuva komdlalo weZinyoni neSwallows, ukuthi iqembu belihamba ngebhasi kulolu hambo obelusuka eGoli luza eThekwini. UKerr ucelwe ukuthi aphuthume ukukhuluma nabezindaba kwazise “luselude uhambo” olubamele olubuyela eGauteng.