AKAWUVALILE umnyango wokubuyela kuMaZulu FC, uSiyabonga “Bhele” Nomvethe ongomunye ophelelwe yitoho kuleli qembu ngemuva kokuthi abaphathi bebemezele izinhlelo zokulihlela kabusha.
UBhele, ogcine ukudlala kulona uSuthu ngamasizini edlule, uthe kodwa konke kuyoncika ekutheni uyobe enzani ngaleso sikhathi kwazise miningi iminyango ayibona ivuleka kusukela eqale umqhudelwano wezikole othi yena.
UNomvethe ubengalibheki ipali ngezikhathi zakhe esengumgadli. Ugcine ukubonakala ebhentshini lezinkulisa zoSuthu ngesizini edlule.
Wethule ngokusemthethweni iSiyabonga Bhele Nomvethe Foundation muva nje ahlose ngayo ukuvulela ithuba izingane zaselokishini aqhamuka kulona, KwaMashu namaphethelo.
Ufisa ukuthi izingane ezizoqhamuka lapha zigcine zidlala esigabeni esikhokhelayo nokuthi ziwelele phesheya njengaye.
Ubuye wethula umqhudelwano wakhe wezikole zamabanga aphansi zaKwaMashu, iNanda naseNtuzuma. Imidlalo yamanqamu bekumele ibe ngempelasonto edlule kodwa yahlehliselwa usuku olusazomenyezelwa.
Ngesikhathi AmaZulu eqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership aze ayodlala kwiCaf Champions League ngaphansi kwesandla, sikaBenni McCarthy, uNomvethe ubeyiphini lakhe.
Zishintshile-ke nokho izinto Osuthwini selucishe lwagencwa yizembe ngesizini edlule, okulandelwe wukuthi umengameli walo, uSandile Zungu, enze izinguquko.
Kulezi zinguquko, uNomvethe obesevele ehliselwe ezikwatini ezincane esuswa kwiDStv Diski Challenge (DDC), uphelelwe wumsebenzi.
Akazange akhombise izimpawu zokuba namagqubu noSuthu uNomvethe.
“Abaphathi baMaZulu basebenzise ilungelo labo lokushintsha izinto uma bebona sengathi kukhona la kungahambi kahle khona kodwa iqiniso wukuthi inkontileka yami nabo ibivele iphela,” kusho uNomvethe ngesikhathi ebuzwa ngokuhamba kwakhe Osuthwini.
“Ebholeni asikho isidingo sokubuza okuningi uma usutholile ukuthi inkontileka yakho ngeke ivuselelwe ngoba akushintshi lutho.
“Asikho isidingo sokukhala kodwa kufanele isimo usamukele sinjengoba sinjalo, okuyinto engiyenzile yize ngitholile futhi ukuthi kusengenzeka baphinde bangidinge ngesikhathi esizayo.
“Ikusasa kalaziwa, kungcono ngikucacise ukuthi angiwuvalile umnyango wokubuyela kuMaZulu uma engidinga futhi njengoba sengiqala izinto ezibhekene nami uqobo, kuyoya ngokuthi ngimatasa ngani ngaleso sikhathi.”
Le nkakha iqale yaba wumgadli kwi-African Wanderers, yadlulela kwiKaizer Chiefs, yagijima kwi-Orlando Pirates nakwiMoroka Swallows ilokhu iqhulula amagoli.
Emaqenjini aphesheya idlalele i-Udinese kwi-Series A, e-Italy. UNomvethe ungomunye wabadlali abambalwa bakuleli abanamagoli eNdebeni yoMhlaba, alishaya iBafana Bafana inqoba iSlovenia ngo 1-0 ngo-2002 eKorea/Japan.
Udlalile naseDenmark kwi-Aalborg lapho enqobe khona isicoco seligi naleli qembu ngo-2007/08.
Utshele Isolezwe ukuthi kuningi amatasa ngakho kumanje kodwa akakabi sesimweni sokudalula okwamanje.
“Kuningi okuhle okuthembisayo kulona ibhola nangaphandle kwalo ngakho-ke akulula ukudalula ngoba inkampani engingaphansi kwayo nengisuka nayo phansi i-Prosport International isaqhubeka nokungigada.
“Uma isikhathi sesikahle ukumemezela ngiyophinde nginibize futhi sesizogeqa amagula nemenenja yami, uMike Makaab,” kuphetha uNomvethe.