IMAMELODI Sundowns izosebenzisa umdlalo wayo weDStv Premiership neLamontville Golden Arrows ukunqamula izinkulumo zokwehlisa umgqigqo kusukela kucacile ukuthi ngeke isaphazanyiswa ekutheni iqukule isicoco seligi okwehlandla lesithupha kulandelana.
ISundowns, ejwayele ukuzidlela amahlanga kwi-Arrows kweyeligi, izoyivakashela namuhla ngo-7.30 ebusuku ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Lokhu kushiwo nguBongani “Ben 10” Zungu ephendula ngenxa yemvunge kulandela imiphumela engajwayelekile kwiSundowns edlale ngokulingana yaphinde yangashaya ngisho igoli isekhaya kwiCape Town City nasekuhambeni kwiSwallows FC.
Okuqaphelekayo ngale midlalo ukuthi iyona emibili yokuqala kusukela kucacile ukuthi iDowns isisidlile isicoco, okwenza abathandi bakanobhutshuzwayo bayikhombe ngokuthi isiyehlisile.
“Siyiqembu elaziwa ngokuwina yonke imidlalo kodwa kwemibili yeligi edlule asizange siphumelele ukunqoba yize kusikhuthaza ukuthi asizange singenelwe igoli,” kusho uZungu ethimbeni labezindaba leSundowns.
“Sisebenze kakhulu ekuzicijeleni ukushaya amagoli ngoba kwemibili edlule kulapho kuthombe khona okhiye.
“Silindele umdlalo onzima kwi-Arrows kwazise idlala kahle kulezi zinsuku okufakazelwa ukunqoba kwayo emdlalweni odlule. Inabadlali bohlobo oluphambili.
“Lona wumdlalo esifuna ukuwunqoba noma kanjani ukuze sibuyise umuzwa wokuwina esiwujwayele. Asifuni ukubukeka njengeqembu eselizithele ngabandayo ngoba nakhu sesisidlile isicoco,” kuqhuba uZungu.
Uyalijabulela ithuba lokubuyela enkundleni uZungu ohlushwe ukulimala kule sizini.
“Ngizizwa ngiwulungele umdlalo nokusiza iqembu njengoba kusekhona iCaf Champions League neNedbank Cup,” kusho uZungu.
UZungu ukhuluma kanjena nje omunye wabaqeqeshi be-Arrows, uVusi “Kanu” Vilakazi, uchaze iSundowns njengeqatha elingajwayele ukubabinda yize ekuqonda ukuthi umdlalo uzobe ulukhuni.
“Silindele umdlalo ohlukile kwiSundowns ngoba kuzobe sekubhekene amaqembu alibeka phansi ibhola,” kusho uVilakazi emuva kokunqoba ngo-1-0 kwiRichards Bay ngempelasonto edlule.
“Siwubhekile lo mdlalo ngoba okwethu ukuqhubeka nokwenza lokhu esikwenzayo ngaphandle kokuqhuzuka kodwa asingabazi ukuthi kunezindawo okufanele siwakhuphule khona kakhulu amasokisi kunendlela esenze ngayo koweBay.
“Sijwayele ukwenza kahle uma sibhekene neSundowns ngakho-ke nakulokhu siyakholelwa ekutholeni umphumela omuhle inqobo nje uma sizozikhandla nakakhulu,” kusho uVilakazi. Emdlalweni odlule weligi phakathi kwala maqembu kwanqoba ompetha beligi ngo-2-1.