UBEKELWE umgomo wokuqeda kwitop4 njengabafike ngaphambi kwakhe umqeqeshi omusha waMaZulu FC, uPablo Franco, owethulwe ngoLwesibili ebusuku.
Eyomgomo wokuqeda endaweni yesine, ivele nomqashi wakhe lo mqeqeshi waseSpain, uSandile Zungu, ongumengameli weqembu.
“UCijimpi (igama uZungu aliqambe uMartin), uzotheleka kuleli ezinsukwini ezimbalwa ezizayo. Uzofika abuke indlela yokusebenza bese enza izincomo,” kusho uZungu.
“Emigomeni abekelwe yona, uwodwa ongagudluki nofana nenyumfomu, lowo ngowokuqeda kwitop4 ekupheleni kwesizini. Kungumgomo esingafuni ukuhlehla kuwo lo wokuba yiqembu elibalwa naqeda ngkwesiko esixhantini esiphezulu eligini yaseNingizimu Afrika.
“Sifuna ukukwenza isiko lokho. Sifuna ukubanga izicoco njengalokhu senzile kwiMTN8 esifenyelele kowamanqamu ayo kodwa-ke asangayinqoba ngenxa yezimo.
“Sifuna ukudlala emiqhudelwaneni yase-Afrika. Asingabazi ukuthi unawo amagalelo afanele ukwenza konke lokho.”
UFranco, uza negama elikhulu ngenxa yamagalelo abaqeqeshi baseSpain njengoJose Reveiro ofike kwi-Orlando Pirates engaziwa, wanqoba ngesizini yakhoe yokuqala iMTN8 neNedbank Cup.
Okuqhasha eqhulwini ngemuva likaFranco, wukuthi useke wayibamba njengephinimqeqeshi ezinkunzini zaseSpain, iReal Madrid.
Lo mqeqeshi ozalelwe eMadrid, unikwe inkontileka yeminyaka emithathu kuSuthu, ngesizini oluqede endaweni ka-12 emuva kokushintsha abaqeqeshi kathathu.
UFranco ugcine ukuqeqesha kwiSimba SC yaseTanzania ngo-2022, nayidlalise imidlalo eyisishiyagalombili kuphela.
Kule midlalo unqobe emine wahlulwa kwemithathu.