UVUMILE ukuthi ukushaya ama-run angu-100 bekuyindlela enhle yokukhumbuza abantu abebemngabaza ukuthi usengumdlali osezingeni eliphezulu ukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi, uTemba Bavuma.
Lo mdlali ohola iqembu leT20 nelemidlalo yosuku olulodwa ushaye ama-run angu-109 emabholeni angu-102 ngesikhathi amaProteas edla i-England ngamawikhethi amathathu ngeSonto ntambama.
Ukunqoba kweqembu lakuleli kulo mdlalo obuseMangaung Oval eBloemfontein kuchaza ukuthi seliluthathile lolu chungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa njengoba selunqobe imidlalo emibili kwemithathu.
Unyaka u-2022 awumhambelanga kahle uBavuma njengoba aphazanyiswa wukulimala, ikakhulukazi endololwaneni. Lokho kwaholela ekutheni noma esebuyela enkundleni ahluleke ukubamba umgqigqo, akhishwe esashaye ama-run amancane.
Izinto zibhede kakhulu eNdebeni yoMhlaba yeT20 lapho eshaye khona ama-run angu-70 kuphela emidlalweni emihlanu, nokwenze ingxenye yabahlaziyi nabalandeli bekhilikithi yambona engakasakulungele ukuhola nokudlalela iqembu lesizwe.
Ushaye ama-run angu-36 ngesikhathi amaProteas enqoba umdlalo wokuqala ngoLwesihlanu ngaphambi kokwenza ezibukwayo ngeSonto.
"Ngivukwe wumunyu ngesikhathi ngifinyelela kuma-run angu-100 kodwa indlela engijabule ngayo bengingayihlelile. Ngicabanga ukuthi bengizikhumbuza mina nabo bonke abantu ukuthi ngisekhona futhi ngisafanele ukuba lapha, " kusho uBavuma.
"Noma singekho kwezemidlalo sonke kodwa ngicabanga ukuthi sonke siyabhekana nezingqinamba emisebenzini yethu noma emakhaya. Angicabangi ukuthi impilo yehluke kakhulu.
"Umehluko wukuthi okwenzeka kithi kwenzeka phambi kwabantu, nokusho ukuthi wonke umuntu uyaye afune ukuba nombono wakhe. Uyazama ukuwuvimba umsindo kodwa akulula ukwenza lokho uma ungukaputeni weqembu lesizwe."
U-Bavuma ukholelwa ekutheni ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe nokuba nengxoxo eqotho nomunye wabaqeqeshi abasha, u-Shukri Conrad, kumsizile ukuthi angene nomqondo ohluzekile kulolu chungechunge.
“Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule bekuwugingqigongqo, kuningi obekwenzeka emoyeni wami. Ngixoxile nomqeqeshi (uShukri Conrad) ngakwazi ukuvula isifuba ngakho konke,” kusho uBavuma.
“Ngicabanga ukuthi ungisizile ngabona wonke umbhedo obuzula ekhanda lami futhi wenza isiqiniseko sokuthi umqondo wami ululungele lolu chungechunge.
"Ukuqhela kancane khwikhilikithi emasontweni amabili edlule, ukuba sekhaya, nakho kungisizile ukuthi ngibe nomqondo omusha. Angikho esimeni esihle kakhulu ngokomzimba kodwa lokho yinto ethuthukayo uma udlala."
Ukunqoba kwamaProteas imidlalo emibili yokuqala kubuyise ithemba lokuthi angakwazi ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ezoba njelwa se-India ngaphandle kokuthi adlale emqhudelwaneni wokuhlunga ngoJuni.
Nokho, ezikaBavuma kusafanele zilwele ukunqoba nomdlalo wokugcina ozodlalelwa eDiamond Oval, eKimberley, ngoLwesithathu ntambama.