UBONGA ikhefu umqeqeshi weCape Town Spurs, uShaun Bartlett, athe libasizile ukulungisa izinto kuleli qembu elidlala kwiMotsepe Foundation.
ISpurs ike yazithola ingadlali kule ligi ngemuva kokuthi iningi labadlali bayo bebizelwe eqenjini lesizwe lika-Under 23 ebelimatasa nemidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations emasontweni edlule.
Izinto zibukeka zimhambela kahle uBartlett kulezi zinsuku. Ngempelasonto edlule, iSpurs ishaye iVenda Football Academy ngo-2-1.
Iqembu lakhe liye kulo mdlalo selihlale amasonto amabili lingadlali ngenxa yokubizelwa kwabadlali bayo abahlanu esikwatini sikaDavid Notoane ocija iqembu lesizwe ebelibhekene neTogo kweyokuhlungela.
Laba badlali unozinti, uLincoln Vyver, izitobha uWayne Dortley noKhaye Mfecane nabagadli u-Ashley Cupido noChumani Butsaka.
Ngaphambi kowangempelasonto edlule, iSpurs igcine ishaye iMM Platinum ngo-3-1 ngo-Okthoba 17.
Empeleni sekuphele imidlalo emihlanu ingawazi umpentshisi.
UBartlett uveze ukuthi ukuhlala la masonto amabili kumsize ekutheni kululame abadlali bakhe abebelimele.
"Ngaphandle kwalokhu, sithole nesikhathi esanele sokulungisa amaphutha. Ngiye koweVenda iqembu lami liphelele futhi liphumule ngokwanele. NgoLwesithathu (namuhla) sizodlala neTTM siphila saka. Nakulo mdlalo sizimisele ukunqoba. Asifuni ukutatazela, sizothatha umdlalo ngamunye," kubeka uBartlett.
ISpurs isendaweni yesikhombisa, ngamaphuzu awu-15, emidlalweni eyisishiyagalolunye. Umdlalo weTTM ungo-3.30 ntambama, eThohoyandou Stadium.
Uma kudlula oweTTM, ezikaBartlett zizodlala neBlack Leopards ngoMgqibelo ngaphambi kokuthi ziye ekhefini leNdebe yoMhlaba.
Ngakolunye uhlangothi iTTM seyishaywe kathathu kulandelana.
Ngempelasonto edlule, ihlulwe iJDR Stars ngo-1-0. Ilele kweyeshumi ngamaphuzu awu-13, emidlalweni ewu-11.