ESINYE sezithenjwa zeRichards Bay, uSanele Barns, sithi namuhla kuzophindeka okwenzeke emqhudelwaneni, iPrince Mangosuthu Legacy Cup, beshaya iMamelodi Sundowns ebiqeda kunqoba isicoco seligi ngesizini ka-2021/22.
INatal Rich Boyz izokwamukela amaBrazilians, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngo-7.30 ebusuku, koweDStv Premiership.
UBarns oshoshela ohlangothini lwesokudla, uthe uyazi ukuthi kukhona abazothi wenza iphutha ngokuqhathanisa umqhudelwano wokulungisela isizini nomdlalo weDStv Premiership.
Uqhube wathi akwaziyo wukuthi kulo mqhudelwano obudlalelwa oLundi, ngoJulayi, bayithwalise kanzima iSundowns phezu kokuba beyibophele zonke izikwibhisi zayo.
IBay ebiphuma ekuphakamiseni isicoco seGladAfrica Championship (Motsepe Foundation Championship), yanqoba kowamanqamu ngo-4-2 sekukhahlelwa amaphenathi.
AmaBrazilians abebophele abadlali abanjengoKennedy Mweene, Teboho Mokoena, Mosa Lebusa, Aubrey Modiba, Thapelo Morena, Neo Maema, Bradley Ralani ukusho abambalwa.
Ngemuva kwalo mdlalo abaqeqeshi beSundowns bebedinwe beveva besola abadlali babo ngokuvumela labo makoti beligi bakhwele emakhanda abo.
"Sazi kahle ukuthi kuzoba wumdlalo onzima ngendlela eyisimanga. Selokhu kuqale isizini iSundowns icoboshisa kwasani oluphambi kwayo. Ishaya ngabadlali bezinga eliphezulu. Nakuba kunjalo nathi senza kahle kwiligi. Phezu kokuba kuyimidlalo engafani kodwa sakwazi ezinyangeni ezedlule ukuyishaya iSundowns, ibophele izikwibhisi zayo. Namanje sisengayiphinda. Wonke umdlali eqenjini lethu uyazi ukuthi uma singase silandele amaqhinga akhelwe lo mdlalo sizonqoba. Sidonswe ngendlebe ukugxilisa imiqondo yethu ngokuphelele kulo mdlalo,“ kusho uBarns.
IBay esendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu awu-26, emidlalweni ewu-15, kwegcine ukuwudlala ngesonto eledlule, ishaye iSwallows ngo-1-0.
Sekuphele imidlalo eyisishiyagalolunye igcine ukushaywa. Kulesi sibalo inqobe emihlanu. Izobhekana neSundowns esinqobe imidlalo eyisithuph ilandelana kwiligi futhi ingangenelwa yigoli. NgoLwesibili leli qembu lasePitoli lehlule iSwallows ngo 2-0. Isesicongweni ngamaphuzu awu-34.
"Kuningi okusiphoqa ukunqoba. Ezinsukwini ezedlule sishoveleke endaweni yesithathu ngesikhathi kunqoba iSuperSport (United). Uyabona-ke ukuthi uma singavumela ukuhlulwa sizoshona phansi kakhulu kunakuqala. Ngaphandle kwalokho sifuna ukungena emzuliswaneni wesibili weligi ngegiya eliphezulu," kusho uBarns.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Swallows v Chippa United (Dobsonville Stadium); Richards Bay FC v Mamelodi Sundowns (King Zwelithini Stadium).
Kusasa - Ngo-3.30pm: Lamontville Golden Arrows v SuperSport United (Princess Magogo Stadium); Marumo Gallants v Maritzburg United (Royal Bafokeng Stadium).
Ngo-5.30pm: Cape Town City v Orlando Pirates (Cape Town Stadium).
Ngo-8pm: Kaizer Chiefs v Sekhukhune United (FNB Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Royal AM v AmaZulu (Chatsworth Stadium).
Ngo-5.30pm: TS Galaxy v Stellenbosch (Mbombela Stadium).