UMQEQESHI weStellenbosch FC, uSteve Barker, uveze inkinga abhekene nayo yokubuyisela abadlali bakhe kwamhlaba kulandela ukukhipha kwabo ompetha bangesizini edlule beNedbank Cup, iMamelodi Sundowns, kulo mqhudelwano kwazise abahleli kahle kwi-log ye-DStv Premiership.
IStellies ibe yiqembu lokuqala ukushaya, uRulani Mokwena, kusukela ekhushulelwe esikhundleni sokulihola yedwa iqembu ngasekupheleni konyaka odlule.
Lo mphumela ubungagcini ngokuqhuba iphupho leStellies lokunqobela, u-Oshwin Andries, ongasekho lo mqhudelwano kepha ubuqeda ngephupho leSundowns lokuphinda lesi sicoco esihamba nomhlomulo wokumela iPremier Soccer League (PSL) kwi-Caf Confederation Cup noR7 million.
Nakuba bekujatshulwe e-Athlone Stadium, eKapa ngempelasonto edlule ngokungena kowandulela owamanqamu, uBarker ubecabanga ngeligi okufanele baqinisekise kuyona ukuthi bavala ngenothi eliphezulu.
IStellenbosch esalelwe yimidlalo emihlanu, isendaweni ka-11 ngamaphuzu awu-30. Ihlukaniswe ngamaphuzu ayisithupha kuphela neMaritzburg United ehleli emsileni.
“Sisalelwe yimidlalo emibili ukuthi sibe ompetha bomqhudelwano esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika ngakho-ke wonke umuntu osekhempini yethu uhambela phezulu kufanele,” kusho uBarker kwabezindaba.
“Lokhu kuhambela phezulu, ikhona kanye okunginika inkinga ngoba kufanele ngibuyisele abadlali kwamhlaba ngoba kwiligi asihleli lapho sifuna ukuhlala khona.
“Ngicabanga ukuthi akekho ongazi ukuthi iqembu lethu lihluke kakhulu kangakanani kwiSundowns ngakho-ke uma abadlali benqobe umdlalo onjalo, nakanjani bahambela phezulu.
“Okwenza lesi simo sibe yinkinga kithina wukuthi akuthina sodwa esigabeni esikhulu esingeneme ngesimo sethu kwi-log. Lokhu kwenza wonke amaqembu esizobhekana nawo siwafice ehlome eyizingovolo.
“Isizini isisesikhathini lapho yonke imiphumela isinomthelela omkhulu ngakho-ke kule midlalo embalwa esisalele, kufanele siyikhohlwe indaba yeNedbank Cup nokuba yiqembu lokuqala ukushaya iSundowns emuva kwesikhathi eside ngoba uma sigxila kulokho singazithola sisenkingeni,” kuxwayisa uBarker.
NgoMgqibelo iStellies izokwamukela elinye iqembu elibalekela izembe, iSwallows emdlalweni oseDanie Craven Stadium ngo-5.30 ntambama.