YIZE kubukeka isimo sivuna ezakhe ngenxa yokunqoba nokunganelwa yigoli ekuhambeni, kodwa umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, ukuqonda kahle ukuthi awukapheli umsebenzi njengoba ezakhe kusamele zizabalaze kowomlenze wesibili ekhaya.
IStellenbosch eguqise iSundowns ngo 1-0 emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN 8, izophinde itholane phezulu nalezi zingqungqulu zasePitoli kowomlenze wesibili eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-3 ntambama.
“Awukapheli umsebenzi, sisayobhekana nomdlalo omkhulu ngeSonto. ISundowns yiqembu elikhulu e-Afrika ukubhekana nayo kukufundisa okuningi, ngakho siyazi ukuthi ngeke kube lula emdlalweni womlenze wesibili. Kodwa siyathemba ukuthi sizokwazi ukuphumelela. Ngiyabathemba abadlali bami abasebancane, iningi labo elisuka eqenjini lethu leDiski Challenge. Liyawazi umuzwa wokunqoba iligi yeDiski ngakho bayakulwela ukunqoba ngaso sonke isikhathi,” kusho uBarker.
Leli qembu laseCape Winelands elikhangule isicoco seCarling Black Label Knockout ngesizini edlule ngokuguqisa i-TS Galaxy kowamanqamu, lisethubeni lokufinyelela komunye umdlalo wamanqamu womkhumulajezi uma lingagcina likwazile ukugoba iSundowns kusasa.
Ephawula ngokunqoba kwabo iSundowns, uBarker uthe ukholwa ukuthi lisebenzile iqhinga labo.
“Akulula neze ukubhekana neqembu elinjengeSundowns, ubuye unqobile kulona ungangenelwanga nagoli. Ngicabanga ukuthi iqhinga lethu lisebenzile. Inhloso bekuwukuthi singabaniki ithuba lokulawula umdlalo, okuyingakho besihlale silwela ukufika kuqala ebholeni singabavumeli babe nesikhathi esanele ukusebenzisa ubuchule babo ebholeni,” kusho uBarker.
“Besazi ukuthi sizobhekana nemizuzu engu-90 enzima futhi kunezikhathi lapho esizithole khona sesinengcindezi besihlasela, bengaphezulu kakhulu kunathi ngomdlalo okuyinto ebisiyilindele. Yingakho ngibancoma abadlali bami ngendlela abakhombise ngayo ukuzinikela nokulwa kuze kube sekugcineni, ikakhulukazi emizuzwini yokugcina yokuphela komdlalo unozinti wethu uSage Stephens evimba amabhola anzima.”
IStellies elahlekelwe ngabadlali bayo abamqoka emasontweni edlule, okubalwa kubona u-Iqraam Rayners othathwe yiSundowns noDeano Rooyen ojoyine i-Orlando Pirates, kubukeka isazolahlekelwa ngesinye isiqongqwane sayo sasemuva, u-Ismael Toure, esingasayizwa eyokuhlala kuleli qembu.
Nokho phezu kwalokho iStellies kubukeka isakwazi ukuyibamba ishisa, nokwenza kubhekwe ngabomvu ukuthi izokwazi yini ukwenza kahle nakule sizini.