IQEMBU lesizwe i-Italy eselehluleke ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba yeFifa amahlandla amabili kulandelana, okungeka-2018 neka-2022, libhekene nenselelo enkulu yokubuyisa isithunzi ngaphansi komqeqeshi omusha, uLuciano Spalletti.
U-Spalletti (64), othathe izintambo zokuqeqesha leli qembu lesizwe kuRoberto Mancini, ngo-Agasti, yize ebhekene nenselelo yokusiza iqembu lamaNtaliyane ekuvikeleni i-Uefa European Championship, eyaziwa ngele-Euro, elayinqoba ngo-2021 (kwakumele idlalwe ngo-2020 ayangadlalwa ngenxa yeCovid-19) kodwa okusemqoka kakhulu kulo mqeqeshi wukubuyisela iqembu eNdebeni yoMhlaba.
Lo mqeqeshi uhlale okokuqala ebhentshini le-Italy idlala ngokulingana ngo 1-1 neNorth Macedonia, emdlalweni wokuhlungela, i-European Championship ka-2024, ngoSepthemba 9, walandela ngowe-Ukraine ahlulwe kuwo ngo 2-1 ngoSepthemba 12.
Ngemuva komdlalo wanamuhla neMalta, eStadio San Nicola, ngo-8.45 ebusuku, izotholana phezulu ne-England emdlalweni olandelayo we-European Championship, ngoLwesibili, eWembley Stadium.
Izosonga eyokuhlungela i-European Championship ngokubhekana ne-Ukraine kowomlenze wesibili ngoNovemba 20.
Ngemuva kwalokho iyobe seyiqala umshikashika wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026.
I-Gli Azzurri, okuyisiteketiso se-Italy esayinqobe amahlandla amane iNdebe yoMhlaba emlandweni, yagcina ukuyinqoba ngo-2006 ngokuguqisa iFrance kowamanqamu.
Kanti yagcina ngo-2010 ukudlala kulo mqhudelwano owawudlalwa eNingizimu Afrika, okuyilapho yaphuma khona emzuliswaneni wokuqala ingompetha ababevikela isicoco.
Nakuba uSpalletti engenawo amava ekuqeqesheni amaqembu esizwe kodwa akungatshazwa ukuthi ukuqeqesha kwakhe ngempumelelo emaqenjini ase-Italy, okubalwa kuwo iRoma neNapoli, yikho ekumakhele ugazi kwi-Itilian Football Federation ebifuna ukuvala isikhala sikaMancini, osengumqeqeshi weqembu lesizwe laseSaudi Arabia.
Phela lo mqeqeshi wase-Italy unqobele iNapoli isicoco seSerie A, eyayigcine ukusinqoba ngo-1990, isadlalelwa wuDiego Maradona ongasekho.
Kuyacaca-ke ukuthi uSpalletti uyiqonda kahle naye inselelo abhekene nayo yokubuyisa isithunzi saleli qembu lesizwe lase-Italy.
“U-Mancini wayinqoba i-European Championship, wanika ithuba iningi labadlali abasebancane eqenjini lesizwe.
“Ngakho-ke njengamanje kumele sizame ukudlala ibhola elizothandwa yiwo wonke umuntu. Sifuna ukudlala ibhola elifuze elesizwe esinamandla njenge-Italy,” kusho uSpalletti kwi-cbssports.com.
Phakathi kwabadlali leli qembu lesizwe lase-Italy elithembele kubona ekubuyiseni isithunzi salo ebholeni lomhlaba, kubalwa uMatteo Darmian oyisiqongqwane sasemuva kwi-Inter Milan, uNicolo Barella oyinjini yasesiswini naye ogijima kwi-Inter Milan, nomgadli uFederico Chiesa ogijima kwiJuventus.