UBONA kuzoliqinisa iqembu emidlalweni elandelayo ukuxetshulwa yiDenmark ngo 5-0 kowobungani ngoLwesihlanu, umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola labesifazane, uDesiree Ellis.
IBanyana iluqale kabi uhambo lwaphesheya inqotshwa ngamagoli angene esiwombeni sesibili e-Aarlborg Potland Park, ngemuva kokuthi kuyiwe ekhefini zibambene ngo 0-0.
U-Ellis uthe nakuba iqembu lakhe, elikleliswe endaweni ka-50 emhlabeni, likwazile ukuqophisana neDenmark, esendaweni ka-12, esiwombeni sesibili, kucacile ukuthi lawa maqembu awekho ezingeni elifanayo.
“Besikhulume ngokuhleleka uma simaka kodwa besibuye silahle ibhola kalula. Ngesikhathi sekhefu bengizitshela ukuthi iqembu lisebenze kanzima kodwa izinto zabheda esiwombeni sesibili,” kusho u-Ellis ethimbeni lezindaba leSafa.
“Ngicabanga ukuthi izinga lezimbangi ligcine libonakalile kodwa siqhubekile nokuzama. Sisalakha iqembu njengoba sibheke kwiWafcon (Women's Africa Cup of Nations) ngonyaka ozayo. Bekuyisivivinyo esihle ngoba besifuna ukuhlola nabadlali.”
Ngaphambi kwalo mdlalo, iBanyana yayigcine ukudlala ngoJuni 4, ngesikhathi ishaya iSenegal ngo 2-0 komunye wobungani.
Umdlalo olandelayo unompetha base-Europe, i-England, eCoventry Building Society Arena kusasa ngo-9.45 ebusuku.
U-Ellis unethemba lokuthi iqembu lizolikhuphula izinga, ikakhulukazi njengoba sekubuye abadlali abafana noThembi Kgatlana, Hildah Magaia, Linda Motlhalo noSinoxolo Cesane abangakwazanga ukuya eDenamrk ngenxa yokungawatholi amaphepha abebavumela ukuthi bangene kuleliya lizwe.
“Besinabadlali ababili abadlalela amaqembu angaphandle kwaseNingizimu Afrika okwakungamawele akwaShamase, uThubelihle noSiphumelele. Abanye bonke bekungabadlali abazinze ekhaya. Kuhle ngoba iHollywoodbets Super League isikhombisile ukuthi isithuthukile kodwa kusamele ithuthuke ukuze isisize nathi,” uqhube kanje u-Ellis.
Khonamanjalo: Iqembu leBanyana elidlala kwiCosafa Women’s Championship lizobheka ukusonga isigaba samaqoqo ngenye iwini uma selidlala neSeychelles eNelson Mandela Stadium namuhla ngo-3 ntambama.
Leli qembu eliphekwa ngumqeqeshi weqembu lika-Under 20, uMaud Khumalo, liguqise iNamibia ngo 1-0, ne-Eswatini ngo 3-0 kweminye imidlalo kaGroup A.