UMQEQESHI we-Arsenal, uMikel Arteta, ukholwa wukuthi ezakhe sezikhombisile ukuthi zizokwazi ukumelana nengcindezi “enhle” yokuzabalazela ukunqoba isicoco se-English Premier League njengoba sezibheke kuMaliyethe.
I-Arsenal eguqise iTottenham Hotspur ngo 3-2 ngempelasonto edlule, iqhubekile nokuhlala phezulu kwi-log yePremier League yize isahlezi ngesinqe esisodwa njengoba yehlukaniswe yiphuzu elilodwa kuphela nezimbangi zayo iManchester City.
Nokho, iMan City isasalele emuva ngomdlalo owodwa engakawudlali, nokubukeka kuyinika ithuba elingcono lokugudluza i-Arsenal esicongweni se-log uma ingawunqoba lo mdlalo oyisalele neminye elandelayo.
Ezika-Arteta ezinenselelo yokukhombisa ukuthi zizomelana ngempela yini nengcindezi kuze kube sekugcineni, zisalelwe yimidlalo emithathu ukusonga le sizini ka-2023/2024 yePremiership, iMan City isalelwe ngemine.
Kodwa u-Arteta uyazethemba ezakhe ngokuthi zizoyigijimisa iMan City zize ziyofika entanjeni.
“Ngicabanga ukuthi sinalo ithuba, likhulu futhi. Lokho sengikubonile nsuku zonke kusukela ekuqaleni kwesizini. Inselelo esibhekene nayo yinhle. Mncane kakhulu umehluko wamaphuzu nezimbangi zethu.
Silwa nesilingo sokuthatha izinto kalula, ngoba sifuna ukuqhubeka nokwenza kangcono. Ngakho njengoba siyobhekana neBournemouth siyoqhubeka nokulwela ukwenza kangcono futhi, yize kuzoba ngumdlalo onzima ngempela,” kusho u-Arteta ecashunwa kwi-AFP.
“Ukuba kuleli zinga esikulona njengamanje kusho ukuthi izinto ngeke zibe lula ngaso sonke isikhathi.
Ngiyabethemba kakhulu abadlali bami ngokuthi bazokwazi ukumelana nengcindezi. Lokhu sesikwenze iminyaka emibili ilandelana, okuyinto enzima kakhulu.”
U-Arteta okuyisizini yakhe yesihlanu eqeqesha i-Arsenal athathe izintambo kuyo ngesizini ka-2019/2020, ubhekene nenselelo yokuqeda isomiso seminyaka sesicoco sePremier League. IGunners yagcina ukudla isicoco seligi ngesizini ka-2003/2004 .
Ngesizini edlule, i-The Gunners iphunyukwe yisicoco seligi seyihlale isikhathi eside kwi-log yePremier League, igudluzwa yiMan City okuyiyona egcine imuka nesicoco.
Ngakho-ke nakuyo le sizini kubhekwe ngabomvu ukuthi leli qembu lizokwazi yini ukumelana nengcindezi kuze kube sekugcineni.
Nakuba umbango wesicoco sePremier League usephakathi kwe-Arsenal, iMan City neLiverpool, kodwa njengamanje kubukeka iLiverpool isiya ngokuphuma embangweni sekubhekwe kakhulu i-The Gunners neThe Citizens. Womathathu la maqembu anemidlalo emqoka kule mpelasonto.
I-Arsenal izobhekana neBournemouth kowePremier League, e-Emirates Stadium, eLondon, namuhla ngo-1.30 ntambama.
IMan City izobhekana neWolverhampton Wanderers, khona kusihlwa e-Etihad Stadium, eManchester ngo-6.30 ntambama.
Kuthi iLiverpool ibhekane neTottenham Hotspur kusasa ngo-5.30 ntambama, e-Anfield, eLiverpool.
Ngemuva koweBournemouth, i-Arsenal kweyeligi izodlala neManchester United ne-Everton. IMan City yona izobe isisalelwa oweFulham, Tottenham, neWest Ham. ILiverpool idlale ne-Aston Villa neWolverhampton.
Imidlalo ye-English Premier League:
Namuhla - Ngo-1.30pm: Arsenal v Bournemouth
Ngo-4pm: Brentford v Fulham; Burnley v Newcastle United; Sheffield United v Nottingham Forest
Ngo-6.30pm: Manchester City v Wolverhampton
Kusasa - Ngo-3pm: Chelsea v West Ham; Brighton v Aston Villa
Ngo-5.30pm: Liverpool v Tottenham