KUBUKEKA izikhulu zeBayer Leverkusen sezikwamukele ukuthi umqeqeshi waleli qembu, uXabi Alonso, uzolishiya ekupheleni kwale sizini njengoba esephenduke inyama kwamanye amaqembu amakhulu ase-Europe.
Kwenzeka lokhu nje, iLeverkusen isethubeni elihle lokukhala yemuke nesicoco seGerman Bundesliga okokuqala ngemuva kwamasizini awu-11, yagcina ukunqoba lesi sicoco eyayigcine ukusiphakamisa ngesizini ka-2010/2011.
Njengamanje iLeverkusen isalokhu iqengqeleze phambili kwi-log yeBundesliga lapho ivule khona igebe lamaphuzu angu-10 phakathi kwezimbangi zayo iBayern Munich esendaweni yesibili. Izobhekana neSC Freiburg kusasa ngo-4.30 ntambama, e-Europa-Park Stadion, eFreiburg.
ILeverkuseni iqhwakele ku-log nje yiyona kuphela engakatholi sibhaxu kule sizini kwiBundesliga emidlalweni engu-25 esidlaliwe, okuhlanganisa nengu-11 yeminye imiqhudelwano.
Ngokwefomu yayo yakamuva kubukeka kukuncane kakhulu kule midlalo eyisishiyagalolunye okusengama endleleni yayo ebheke ekunqobeni isicoco seBundesliga.
Ukunenebula kwayo izimbangi iBayern Munich ngo 3-0 ngoFebhuwari kowomzuliswano wesibili wesizini, kwathumela umlayezo oshubile ukuthi iLeverkusen ayisinisi mahleza ngokuqeda ukukhonya kweBayern kwiBundesliga ebisinqobe iBundesliga amasizini angu-11 elandelana kusukela ngesizini ka-2012/2013.
Ukwenza kahle kweLeverkusen ngaphansi komqeqeshi u-Alonso, yikho kanye osekuholele ekutheni afunwe uthuli ngamanye amaqembu ase-Europe, phakathi kwawo okubalwa iLiverpool, iReal Madrid nayo iBayern Munich.
UJurgen Klopp weLiverpool usevele umemezele ukuthi uyashiya kuleli qembu lase-England ekupheleni kwale sizini kanti umqeqeshi weBayern, uThomas Tuchel, yena sekucacile ukuthi leli qembu ngeke limgcine ngokuphela kwale sizini njengoba kubukeka ezoqeda isizini enganqobanga sicoco.
Oyisikhulu esiphezulu seLeverkusen, uFernando Carro, kubukeka esekwamukele ukuthi uzobashiya u-Alonso.
“Sisakujabulela ukuba kwakhe yingxenye yeqembu uXabi. Kodwa futhi lokho akusho ukuthi uma esehambile akuzukulunga lutho eqenjini,” kusho uCarro ecashunwa yi-Associated Press.
“Sinesikwati esiqinile futhi sinethimba labaqeqeshi elisezingeni eliphezulu elinoSimon Rolfes oyi-sporting director.
“Ngakho-ke sinabantu abaningi ababambe iqhaza empumelelweni yeqembu, ngaphandle nje kukaXabi Alonso.”
I-Die Werkself, okuyisiteketiso seLeverkusen, kule sizini iqinise isikwati sayo ngabadlali abanohlonze okubalwa kubona uGranit Xhaka oyinjini yasesiswini osuka kwi-Arsenal, nesiqongqwane sasemuva u-Alejandro Grimaldo osuka kwiBenfica.
Laba ngabanye babadlali ababambe iqhaza empumelelweni yaleli qembu.
U-Alonso (42), odabuka eSpain, nowazakhela igama emaqenjini okubalwa kuwo iLiverpool, Real Madrid neBayern Munich ngezikhathi zakhe esengumdlali, usethubeni lokuqeda isomiso seminyaka sezicoco kuleli qembu laseGermany.
Ngesizini edlule, lo mqeqeshi ujoyine iLeverkusen eyithola ivika izembe wayitakula ezembeni, yaze yaqeda endaweni yesithupha kwi-log, yaphinde yafinyelela nakowandulela owamanqamu we-Uefa Europa League.
Imidlalo yeGerman Bundesliga:
NgoMgqibelo - Ngo-4.30pm: Wolfsburg v Augsburg; Union Berlin v Werder; Heidenheim v Monchengladbach; Darmstadt v Bayern Munich; Mainz v VfL Bochum; Hoffenheim v VfB Stuttgart.
NgeSonto: Ngo-6.30pm: Leverkusen SC v Freiburg; Borussia Dortmund v Eintracht Frankfurt