UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, usivale, ngoPule Mmodi isikhala sikaThemba “Mshishi” Zwane, olimale ebusweni ngaphambi kokuqala kwekhempu yaleli qembu lesizwe ukulungiselela eyobungani neNamibia neDemocratic Republic of Congo (DRC).
IBafana izoqala neNamibia ngoMgqibelo bese iyisonga ngeDRC ngoLwesibili oluzayo. Yomibili imidlalo izobanjelwa e-Orlando Stadium, eSoweto.
Ngesonto eledlule, uBroos ubesematheni kulandela inkulumo obekuthiwa uyisho ngokuba phansi kwezinga labadlali baMakhosi okuyikhona futhi akuchaze njengembangela yokubashaya ngesithende eqenjini lakhe.
UZwane ulimale kabi ebusweni ngesikhathi iMamelodi Sundowns ibhekene neChiefs kwiMTN8 ngoMgqibelo odlule.
UBroos (71) utshele abezindaba esithangamini nabo ngoMsombuluko ukuthi indawo kaZwane izovalwa uMmodi.
Ngesikhathi uBroos ememezela iBafana ngeledlule uthe akazange ababize abadlali beChiefs ngoba ayenzi kahle kusukela ngonyaka odlule.
“Ngiyaxolisa kodwa okwamanje akekho umdlali weChiefs ofanelwe ijezi leBafana,” kusho uBroos ngoLwesithathu oludlule.
Le nkulumo ilandelwe yimpendulo kaMolefi Ntseki opheka Amakhosi, ethi uyakwamukela okushiwo uBroos ngoba uyena owaziyo ukuthi ufunani eqenjini lesizwe kodwa ke hleze kuyomele abahlalise phansi abachazele ukuthi kwiBafana kudingeka hlobo luni lomdlali.
EGoli ngoMsombuluko, uBroos uthembise ukuba nomhlangano maduze noNtseki, ukuze bezokhuluma ubuso nobuso.
“Uhlobo lwekhempu olungajwayelekile lolu esiluqalayo ngoba baningi abadlali abalimele kodwa lokhu kunika laba abakhona ithuba lokuziveza kanjalo nalaba abazobizwa ukuvala izikhala,” kusho uBroos enkulumeni eqoshwe abe-Safa.
Kulesi sithangami lo mqeqeshi waseBelgium, ugcizelele ekutheni umile enkulumeni ayishilo yokuthi ngesikhathi ebekhuluma (ngesonto eledlule) abekho abadlali beChiefs ebebengababiza kwelesizwe nokuthi ayizange idlale kahle ngesizini edlule futhi okwamanje ayikahlangani ngenxa yokuba nabadlali abaningi abasha.
Nokho uzwakalise ukungenami ngengxenye ethile yabezindaba athe imcaphune ngendlela okungeyona athi ubeke ngayo.
“Angikuvumi ukuthi ngithe alukho ushintsho oselwenziwe uNtseki. Kuyangidina ukuthi nginethemba ngokuthi nizobika ngendlela eqondile kodwa omunye wenu ubhale ukuthi mina ngigxeke uNtseki ngokungashintshi lutho kwiChiefs kusukela efikile okuyinto engazange iphume kowami umlomo. Uma umuntu efuna ukugxeka umqeqeshi akangasebenzisi mina,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi ubese eseqinisekisa ukuthi uMmodi uyena ovale indawo kaZwane. Omunye umdlali osengenile kwelesizwe uSiphephelo Sithole othathe ekaLuke le Roux.
UTebogo Mokoena weSundowns uhoxile ngenxa yokulimala yena eyakhe indawo yathathwa uMlungisi Mbunjana, weTS Galaxy.