Marumo Gallants (0) 0
Kaizer Chiefs (0) 0
*IChiefs inqobe ngo 4-3 kumaphenathi
UBUQHAWE bukanozinti uBruce Bvuma buholele ekutheni iKaizer Chiefs ibe ngompetha bokuqala beCufa Cup ngokushaya iMarumo Gallants ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi eToyota Stadium, eBloemfontein, ngeSonto ntambama.
UBvuma uvimbe amaphenathi amabili, abekhahlelwe nguMpho Chabatsane noXola Mlambo, kulandela umdlalo ophele zibambene ngo 0-0.
Unozinti osebenze kuqala kulo mdlalo oweGallants, uKagiso Mlambo, ovimbe ishodi ebelithunyelwe nguWandile Duba ngomzuzu ka-10, waphinde waphuma epalini eyovala ibhola likaChristian Saile ngomzuzu ka-12.
Amakhosi abeliphethe kakhulu ibhola futhi eshesha ukulithumela kumafolosi kodwa acishe azithola eselandela ngemuva ngomzuzu ka-20.
USiyabulela Shai uthole ibhola ezihambela yedwa ebhokisini ngakwesokudla, ibhola lakhe lavinjwa nguBvuma.
Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, uphoqeleke ukuthi enze ushintsho maphakathi nesiwombe sokuqala, efaka uMfundo Vilakazi endaweni kaSaile, odonseke umsipha osethangeni ngemuva.
Iqembu likaDan Malesela liqale kangcono esiwombeni sesibili, lifika kaningi ebhokisini kodwa lihluleka ukushaya amabhola aqonde epalini.
Maphakathi nesiwombe Amakhosi aphinde afudumala, ekhombisa ukufuna igoli lokunqoba, egqugquzelwa abalandeli abebengayigcwalisanga inkundla kodwa abebecula kuzwakale.
Imithetho yalo mqhudelwano ibiwavumela la maqembu ukuthi enze izinguquko ezingu-10 ngalinye. Amakhosi asheshe alisebenzisa ithuba ngokwenza izinguquko ezine maphakathi nesiwombe sesibili. IGallants yenze ezayo izinguquko eziyinqwaba sekusele imizuzu engu-20 kuphele umdlalo.
Yize kunjalo nabadlali abaqhamuke ebhentshini bahlulekile ukubhakuzisa inethi, kwadingeka ukuthi kuyiwe kumaphenathi, lapho iGallants ishwebe khona amabili, iChiefs yawabeka enethini wonke ewakhahlelile.
Umqeqeshi weChiefs uNabi uthe lo mdlalo umshiye nemizwa eshayisanayo njengoba kukhona akubonile okumjabulisile, kwaphinde kwakhona okumkhathazile.
“Bekufanele kube wumdlalo wobungani kodwa ubunzima, womabili amaqembu abezimisele kakhulu. Sakhe inqwaba yamathuba kodwa sangawasebenzisa, nokuyinto esiyenze emdlalweni wakamuva weligi sibhekene neMamelodi Sundowns. Yinkinga enkulu le,” kusho uNabi kwi-SABC ngemuva komdlalo.
“Ngifuna abadlali bazinikele futhi bahlezi becabanga ngokunqoba. Akusho lutho ukuthi umdlalo owobungani, kufanele sizijwayeze ukunqoba. Kufanele bungehli nobuthongo uma sihluliwe. Lo mdlalo usikhombisile ukuthi yikuphi lapho kufanele sithuthuke khona ngaphambi komdlalo womkhumulajezi neSuperSport United.”
UMalesela ujatshuliswe ukubona iqembu lakhe liqhudelana neChiefs kwaze kwaba yisekugcineni.
“Izinga lomdlalo beliphezulu futhi abadlali bakhombisile ukuthi bebekulambele ukunqoba. Sizama ukuthuthukisa indlela abadlali abalandela ngayo izinhlelo zethu enkundleni. Uma siqhubeka kanje izinto zizohamba kahle. Ibhola besiliphethe kodwa kufanele senze kangcono uma sesifike ebhokisini. Ngijabule ngabadlali bami, zincane izinto okufanele sizilungise,” kuphawula uMalesela kwithelevishini.
IGallants izobhekana nePolokwane City kwiLast 16 yeCarling Black Label Knockout ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. IChiefs izodudulana neSuperSport ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku kuwona lo mqhudelwano.