Mamelodi Sundowns (3) 5
Royal AM (0) 1
IMAMELODI Sundowns ingase isisonge emidlalweni emibili elandelayo isicoco seDStv Premiership uma eminye imiphumela iyivuna kulandela ukulobola kwayo iRoyal AM ngo-5-1 ngoLwesibili ebusuku eLoftus Versveld.
I’Downs inqobe lo mdlalo ngamagoli kaCassius Mailula, uRicardo Nascimento olishaye ngakubo, Peter Shalulile oshaye amabili noMothobi Mvala.
Ompetha beligi bangesizini edlule, beze kulo mdlalo weRoyal AM bedinga amaphuzu ayisikhombisa ukusonga ngesicoco seligi kule sizini. La maphuzu azobe enele uma imiphumela ethinta iSuperSport United, esendaweni yesibili, izobe ibavuma.
Njengoba ithathe amaphuzu amathathu kwiRoyal AM, iSundowns isidinga amaphuzu amane kuphela emidlalweni ezayo ukuze inikezwe lesi sicoco ihlandla lesithupha kulandelana.
IRoyal AM iyona obekufanele kuthi kufikwa emzuzwini wesihlanu isihamba phambili ngamagoli amabili kodwa ezikaRhulani Mokwena, zasinda ngenxa yobuthuntu bezikaJohn Maduka.
UMokwena uqale lo mdlalo ngesikimu esifanayo nalesi aqale ngaso owamaqoqo weCaf Champions League ne-Al Ahly yase-Egypt, osekungumlando ukuthi uyinenebule ngo-5-2.
Seziyela emzuzwini ka-10, isitobha seDowns, uGrant Kekana, ukhishwe ngohlaka kulandela ukushayisana kwakhe kabuhlungu nonozinti wengakubo, uRonwen Williams.
Indawo kaKekana ithathwe uBrian Onyango, obese enesikhathi engabonakali kwiSundowns ngenxa yokulimala.
Yize iSundowns ibingabukeki isenkingeni kodwa okucace lo mdlalo uqala ukuthi iThwihli Thwahla ibizele amaphuzu ePitoli.
Kujikile konke lokhu ngomzuzu ka-21, ngesikhathi uMailula ebeka phambili iSundowns ngegoli elihle ebelihlanganisa cishe iqembu lonke.
Kudlule imizuzu eyisithupha kwenzeke lokho, uNascimento noXolani Ngcobo, obevimbele iRoyal AM, banike iSundowns igoli lesibili okube umkhonto ogwaza ekhaya.
ISundowns ibisizenzela emuva kwaleli goli okulandelwe ingcwenga yelinye elishaywe uShalulile ngomzuzu ka-42.
Ngaphandle kokuphumuza abadlali abafana noMailula, Khuliso Mudau noMarcelo Allende, iSundowns ibisizenzela esiwombeni sesibili.
ULantshane Phalane naye ongene esiwombeni sesibili, ushayele iRoyal AM igoli lokubuyisa ithemba ngomzuzu ka-69.
ISundowns iphendule ngegoli likaMvala lesibili kule sizini ngoka-74. Lokhu kulandelwe ukubonakala okokuqala ngqa esigabeni esikhulu kukaSiyabonga Mabena, oneminyaka engu-16 (usafunda isikole).
Uma konke kuvuna iSundowns, izodinga ukunqoba ekhaya kwiCape Town City ngo-Ephreli 1 noma ekuhambeni kwiSwallows FC ngo-Ephreli 9 ukuze iqukule isicoco sayo sesithupha seligi kulandelana.