SEKUQALA ukumudla ukuphikwa yimiphumela ekubeni bedlala ibhola elingcono kunezitha, umqeqeshi weMarumo Gallants, uDan “Dance” Malesela.
EzikaMalesela zikhale ngaphansi okwesishiyagalombili zihlulwa ngo-3-2 yiLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership ngoLwesithathu ebusuku ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
IGallants okuyiwe ekhefini ihamba phambili ngegoli likaCelimpilo Ngema, iqede umdlalo isilandela ngemuva ngo-3-2 wamagoli kaNqubeko Dlamini, Pule Mmodi noKnox Mutizwa. Elayo lesibili lishaywe nguRanga Chivaviro.
Bekungumdlalo wesikhombisa, ilandelana ezikaMalesela zinganqobi kwazise emidlalweni engu-19 zisenamaphuzu angu-15.
Yiyo iGallants ewuqale kahle umdlalo wangoLwesithathu, yaze yathola negoli okuyiwe iphambili ngalo ekhefini kodwa esiwombeni sesibili, i-Arrows ibuye isivutha ngenye indlela, yashaya amagoli amathathu egcine iwine ngawo.
Nakuba esenalo ithemba lokuthi umphumela owodwa ozobavuna ungashintsha yonke into kodwa uMalesela uvumile ukuthi akumhleli kahle ukuqhubeka kwaleli bhadi ngoba imidlalo yeligi iya ngokuya iyaphela.
“Okuyikhona okusibulala kakhulu wukuthi siqala kahle kodwa kube sengathi sekumenyezelwe ukuthi asiyeke ukudlala ngokuzimisela,” kusho uMalesela.
“Kulokhu badlale ngokuzinikela abadlali kwasho khona ukuthi sisebhadini elithile kulezi zinsuku lokunqaba kwamagoli.
“Kuyona yonke imidlalo kwenzeka into efanayo lapho sivele sibaphe khona amagoli laba esisuke sidlala nabo.
“Angingabazi ukuthi sizodlula kuleli fu elimnyama esibhekene nalo kodwa ngeke ngikufihle ukuthi isiqala ukungidla indaba yokuthi imidlalo iyaqhubeka nokuhamba kodwa imiphumela ilokhu iqhubekile nokusiphika.”
Ngaphandle kokuthi iGallants kuseyiyona ebambe ibhuleki kwi-log, amaqembu asenkingeni efanayo nayo okuyiStellenbosch FC, Swallows FC ne-TS Galaxy asele kuyona ngomdlalo owodwa.
Umdlalo olandelayo wezikaMalesela uneqembu ayelidlalela, i-Orlando Pirates, koweligi kusasa ngo-8 ebusuku.