INKAKHA ye-Orlando Pirates, uJerry “The Legs of Thunder” Sikhosana, uthi sesifikile isikhathi sokuthi uZakhele Lepasa akhombise ukuthi ungumgadli leli qembu elingathembela kuye, ekwenzeni izinto zenzeke.
Ngokusho kukaSikhosana, uLepasa (26) usevuthwe ngokwanele ebholeni elikhokhelayo.
Nokuthi osekusele nje kuye wukuthi akhombise amangwevu akhe njengomgadli omqoka ozokwazi nokumelana nengcindezi yokudlalela iqembu elinjengePirates.
ULepasa obolekiswe kwiSupersport United maphakathi nesizini edlule ngenxa yokweqiwa yijezi kwiPirates, kubukeka ebuye ngesivuthevuthe kule sizini eqenjini laseSoweto njengoba emidlalweni emine asayidlalile okubalwa emithathu yeDStv Premiership nowodwa weMTN 8, usevalele phakathi amagoli amahlanu.
“UZakhele akaseyena neze umdlali osafufusa. Usevuthwe ngokwanele ebholeni elikhokhelayo. IPirates isimbolekise emaqenjini ehlukene, oStellenbosch noTS Galaxy, kanti muva nje imbimbolekise kwiSupersport.
Manje-ke njengoba esemlandile nje umqeqeshi wePirates (uJose Riveiro), lokho kusho khona ukuthi uyamdinga eqenjini kule sizini.
Ngakho-ke sekusezandleni zakhe (uLepasa) ukukhombisa ukuthi usekulungele ukuba ngumgadli iPirates engathembela kuye ekuyishayeleni amagoli amqoka ikakhulukazi kule sizini njengoba izodlala nemidlalo emqoka yeCaf Champions League,“ kusho uSikhosana.
“Ukushaya kwakhe amagoli amahlanu emidlalweni emine kuwuphawu lomgadli ozimisele kakhulu ngokwenza kahle kule sizini, ngakho-ke kufanele aqhubeke asebenze kakhulu kunakuqala. Kumele ashaye amagoli ukuze afinyelele ekubeni ngumgadli iqembu elingathembela kuyena.
Kanti futhi naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, useqalile ukukhombisa ukuthi ungomunye wabagadli okungathenjelwa kubo. Ngaleyo ndlela kubalulekile ukuthi aqhubeke nale fomu asaqale ngayo ngoba neqembu lesizwe liyamdinga.”
Ngemuva kokubolekiswa kukaLepasa kwiSupersport ngesizini edlule, umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, wacacisa ngesizathu sokubolekiswa kwalo mgadli, ethi yingenxa yokuthi ayemancane amathuba okuthi angathola isikimu, okuyingakho kwakufanele ukuba aye eqenjini lapho ayezokwazi ukuthola khona ithuba lokudlala.
Nebala kuMatsatsantsa uLepasa ufike wenza kangcono, wabizwa nakwiBafana Bafana nafike washaya into ecokeme nakuyona eshaya amagoli amabili emidllaweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), nokungangatshazwa ukuthi yikho kanye okumcubuzele amagabade kumqeqeshi weZimnyama, uRiveiro obe esemlanda kule sizini.
Ezimnyama ezisaqoqe amaphuzu amane kuphela emidlalweni emithathu yeDStv Premiership, okubalwa nokubambana ngo 1-1 neChippa United ngoLwesibili, izobuyela ensimini ngomdlalo womkhaya baseSoweto lapho khona izotholana phezulu neMoroka Swallows kowePremiership, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesibili, ngo-7.30 ebusuku.