URHULANI Mokwena obengomunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, ukhushulelwe esikhundleni sokuba inhloko yaleli thimba ngoba leli qembu eliqhwakele kwiDStv Premiership libona ukuthi imiphumela yakamuva ayigculisi ngokwanele.
Lezi zinguquko ebezingalindelekile zimenyezelwe iSundowns ngoMsombuluko ntambama ngesitatimende lapho iqinisekise khona ukuthi uSteve “Mphathi” Komphela noManqoba “TV” Mngqithi bazophambana ezikhundleni abebekuzona phambilini.
UKomphela obevamise ukumela emuva noma agxile kuma-freekick ejimini, uyena osezosondela kuMokwena basebenze eduzane bese kuthi uMngqithi ahlehle njengoba bekwenza uKompela phambilini.
“Lezi zinguquko zilandela imiphumela engagculisi yakamuva ngoba ngisho imidlalo ewiniwe, nakuyona akubanga indlela ejwayelekile kwiSundowns” ibibhalwe kanje ingxenye yesitatimende.
“ISundowns inesibopho sokuqinisekisa ukuthi alikho iqembu eliyihlula ngempumelelo e-Afrika yonkana, ngakho-ke imiphumela yakamuva esezingeni eliphansi futhi iphambene kakhulu nalokhu okufunwa iqembu,” kuqhuba isitatimende.
“URhulani Mokwena usezoba inhloko yabaqeqeshi kwiSundowns. USteve (Komphela), usezoba umqeqeshi weqembu elikhulu. UMngqithi (Manqoba) uzokwenza umsebenzi obewenziwa uKomphela bese kuthi uWendell Robinson, opheka onozinti, aqhubeke nalokhu abevele ekwenza,” kuphetha isitatimende esijobelele ngokuqinisekisa ukuthi lezi zinguquko zimenyezelwa nje, sezivele zenzekile.
NgoMgqibelo iSundowns ibhaxwe i-Orlando Pirates ngo 3-0 emdlalweni womlenze wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8.
Yize kungazange kucace obekuqondwe nge-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ebiveza uMokwena ethi ziyakhala kwiSundowns, kwabathile, lokhu kusidwebe sacaca isithombe sokuthi kukhulu okusazovela ngalesi sitatimende seSundowns esingachazi okuningi.
ISundowns ezobe iholwa uMokwena okokuqala izovakashela iMaritzburg United koweligi ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.