SEBEQALILE ukuhlungeka abafana amadodeni emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), ezokuba ngonyaka ozayo e-Ivory Coast. Lokhu kucace ngoMsombuluko ngemva kokuzibekisela indawo kwe-Algeria, ngokunqoba ngo 1-0 kwiNiger koka-Group F.
Ubuqhawe bukaReyaad Mahrez weManchester City, yibona obakhele uBaghdad Bounedjah, ithuba lokushaya igoli okube yilona eliqinisekisa ukuthi i-Algeria, iyizwe lesibili ukuzibekala indawo kulo mqhudelwano.
UBounedjah oshaye leli goli umdlalo unemizuzu eyisithupha uqalile, uthole ibhola elihle ebelivela kuMahrez walibeka enethini ngobuchule.
Kugcine kuyilona lodwa kodwa beliqinisekisa indawo ye-Algeria, e-Ivory Coast, kwazise iwina nje, bese kungokwesine kulandelana kuleli qoqo okukhona kulona iTanzania, ne-Uganda (umbango wendawo yesibili usuphakathi kwala mazwe).
IMorocco egile izimanga nyakenye koweNdebe yoMhlaba, eQatar, ngokufika kweyandulela eyamanqamu ekubeni ingathishiwe, ibe yizwe lokuqala ukuzifaka kulo mqhudelwano lilandela i-Ivory Coast, ezobe ingosokhaya.
Leli qembu lesizwe eliholwa nguHakim Zeyach, ogojima kwiChelsea, lingene emqhudelwaneni lingazange lidlale ngemva kokubanjelwa ekhaya kweBafana Bafana, yiLiberia ngeledlule. Liqhwakele kuGroup K ngamaphuzu ayisithupha.
Ukubhacaza kweBafana bekuchaza ukuthi iMorocco izogcina iqhwakele ku-Group K, oncishiselwe emazweni amathathu kulandela ukudingiswa kweZimbabwe, ngenxa yezinkinga ezikhungethe ibhola khona.
Ngaphandle kokubhacaza kweBafana, iMorocco (eshaye iBrazil ngo 2-1 kowobungani ngeSonto), izofika kwi-Afcon ingelinye lamazwe okubhekwe ukuthi adle isicoco.
Kusukela iMorocco isingathe imidlalo yeFifa Club World Cup ngoFebhuwari, izinga lebhola lakhona kwabesilisa nakwabesifazane likhuphuke ngesivinini esethusayo.
Nabadlali bakhona sebebangwa ngamaqembu ahlonishwayo e-Europe.
INingizimu Afrika izibekisele indawo kwi-Afcon ngemuva kokwehlula iLiberia ngo 2-1, eMonrovia ngoLwesibili ebusuku. ITunisia nayo iliqinisekisile elayo ithikithi ngemuva kokushaya iLibya ngo 1-0, eBenghazi ngoLwesibili. IBurkina Faso nayo ingenile kulo mqhudelwano ngemuva kokubambana ngo 1-1 neTogo ngoLwesibili nokwenze iqhwakele kuGroup B ngamaphuzu ayishumi. Umzuliswano ozayo wukuhlunga uzokuba ngoJuni.