AKAFUNI ukuzininda ngodaka emehlweni ngendaba ye-Top 4, umdlali waMaZulu FC, uGeorge Maluleka, okulindelwe afukule iqembu kowomkhaya neRoyal AM abaphinda nayo koweDStv Premiership namuhla ebusuku.
Lo mdlalo oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini uzoqala ngo-8 ebusuku.
Ahlangana okwesibili esikhathini esingaphezudlwana kwenyanga la maqembu kwazise i-AM inqobe ngo-2-0 ngenyanga edlule eChatsworth.
Leso sibhaxu sagqamisa ukudonsa kwanzima kwaMaZulu kwazise akakwe yinqwaba yemidlalo ayidlale ngokulingana nokwenza umdlali onamava njengoMaluleka akubone sekungumqansa ukuqeda bebalwa namaqembu amane aphezulu kule sizini.
“Kusangenzeka ngoba kusenemidlalo eminingi esele ukuba siyidlale. Iqiniso kodwa wukuthi kuzoba nzima (ukulwela ukuqeda endaweni yesine) ngoba wonke amaqembu manje abhukulela ukucosha amaphuzu ngayo yonke indlela, kodwa-ke, kungenzeka,“ kusho uMaluleka.
“Akumnandi ukuhlulwa futhi akulekeleli ngalutho ukunaka izinto esezadlula. Okumqoka wukubheka phambili nokumele sikuqikelele kulo mdlalo.”
Emdlalweni wangenyanga eyedlule, AmaZulu aguqe kwasala kumqeqeshi wawo izinkulumo ngesandla sonondweba kwazise nabo bake bashaya eceleni bebala bephinda becisha igoli elaliyingcaca ukuthi alingenanga epalini.
“Amaphutha ayenzeka kodwa onondweba benza umsebenzi omuhle. Ngeke sihlezi sigxeka abantu ngoba nathi siyawenza amaphutha wokungawavaleli amathuba esiwatholayo ngoba ukube asiwenzi amaphutha. Ukube siyawavalela phakathi amagoli, ngabe sinqoba imidlalo eminingi,” kusho uMaluleka ekhombisa ukuvuthwa emqondweni.
AmaZulu asehlazweni lokuthi kule sizini awakaze anqobe nowodwa umdlalo womkhaya ezimbangini zawo ezine.
Yize besanda kudlala nayo i-AM kodwa kuzobaphica ukuthi ishaya ngomqeqeshi omusha kodwa futhi olazi kahle iqembu.
“Bashaya ngonyawo olusha impela kulezi zinsuku. Badlala ngomdlandla nokuzimisela. Kukhona okushintshile impela endleleni abadlala ngayo. Yize ekhuze ibuya kodwa kuyabonakala ukuthi banomqeqeshi omusha. Bonke badlalela ukuzibonakalisa,” kusho uMaluleka.
Phezu kwakho konke, abadlali baMaZulu banenselelo yokuvala isikhala esishiywe nguMakheheleni Makhaula osekwi-Orlando Pirates.
“Njengabadlali abakhulile eqenjini, kuwela kithi ukufukula iqembu. Nokuhamba kwakhe (uMakhaula) kuyawengeza lowo mthwalo emahlombe ethu,” kusho uMaluleka.