UMDLALI wasesiswini waMaZulu FC, uGeorge Maluleka, uvuma eyokuphoxa abalandeli baleli qembu ngendlela abadlale ngayo ngesizini ka-2022/2023.
UMaluleka ujoyine Usuthu ekuqaleni kwesizini esuka kwiMamelodi Sundowns. Usayine nabanye abadlali asebezakhele igama ebholeni laseMzansi okukhona kubona uDumisani Zuma, Ramahlwe Mphahlele noGabadinho Mhango obekubhekwe ukuthi bazokhuphula iqembu.
Nokho lokho akwenzekanga kwazise AmaZulu agcine eshaya into ephansi, ashintshe abaqeqeshi kathathu. Isizini ka-2022/2023 iqalwe nguBrandon Truter, walandelwa nguRomain Folz, yavalwa ngu-Ayanda Dlamini osekhonjwe indlela.
Usuthu luqede endaweni ka-12 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-33. Lube phambili ngamaphuzu amathathu kwiMaritzburg United egcine iyodlala kweyokuhlunga ukulwela ukugcina indawo yayo esigabeni esikhulu.
UMaluleka, oyinxusa lomqhudelwano i-Engen Knockout Challenge, ubekhuluma ngesikhathi wethulwa eHoy Park, ngoLwesibili.
"Angijabule ngendlela esidlale ngayo. Kuningi okusafanele sikwenze kangcono kuMaZulu. Kodwa okwamanje sisekhefini. Ngicabanga ukuthi sizobuyela sibone ukuthi sizolungisa kanjani.
“Kukhulu ukuphoxeka okubekhona ngesizini edlule. Kodwa ngibona kukuningi okufanele sikukhombise kubalandeli. Abalandeli bethu sibaphoxile. Ngakho kukhulu okusafanele sibenzele khona," kusho uMaluleka.
AmaZulu asathungatha umqeqeshi omusha ozowahola ngesizini ka-2023/2024. Kubaqeqeshi okuvela ukuthi akhuluma nabo kukhona uFlorent Ibenge waseDemocratic Republic of Congo (DRC) oqeqesha i-Al Hilal yaseSudan.
Emasontweni adlule, Usuthu ludedele abadlali okukhona kubona umgadli uLehlohonolo Majoro, Keagan Buchanan, Thabo Qalinge, Samkelo Mgwazela, Dumisani Zuma, Lankie Khoza, Sibongasonke Ndlovu, Siphelele Zulu noMswati Mavuso ongadlalanga nowokubika umdlalo kuleli qembu. Usuthu luzobuya ngesonto elizayo ukuzoqala amalungiselelo esizini ezayo.
"Kuzoba yisizini engcono kakhulu kwazise kuzokwengezwa ngabanye abadlali nakubaqeqeshi. Ngilindele isizini engcono kunedlule. Asikwazi ukuba nesizini embi ukwedlula lena esiphuma kuyona, ikakhulukazi ngeqembu esinalo," kusho uMaluleka