ABADLALI baMaZulu FC bazoya emdlalweni we-semifinal neKaizer Chiefs beyiqonda kahle inselelo ababhekene nayo emuva komphako abawuphathiswe ngumengameli weqembu, uSandile Zungu.
UZungu ubahlomise ngoMgqibelo ngesikhathi kugujwa Usuthu Day, eMoses Mabhida Stadium People’s Park Cafe’, eThekwini.
AmaZulu azotholana phezulu neKaizer Chiefs ngeSonto ngo-3.30 ntambama emlenzeni wokuqala weMTN8 Cup, eFNB Stadium, eSoweto.
Emcimbini wangoLwesihlanu obekuqhuma amashampeni kudliwa nekhekhe ebelibhalwe ukuthi “AFC” okumele “AmaZulu Football Club”, uZungu ukhumbuze abadlali bakhe ukuthi yini ababhekene nayo ngempela.
“Siyanithanda,” kusho uZungu ebhekise kubadlali abebemkakile.
“Laba bantu (ekhomba abalandeli abebebazimazisile) bayanithanda. Ngifuna lezi zingilazi zeshampeni engizibona phambi kwami ziphenduke izindebe (esho ezibala zonke ezibangwa kwiPremier Soccer League nakwiConfederation of African Football).”
@AmaZuluFootball President, @mfanawasemlazi Eluleka abadlali bakhe ngokuthi @KaizerChiefs Abaqhathwe nayo kwi #MTN82022 Ingabazukulu babo pic.twitter.com/HzMbij38cB
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) September 30, 2022
Lokho kulekelelwe yisifundo esisheshayo somlando.
“Niye kulo mdlalo nazi ukuthi nimele iqembu elidala ukunawo wonke kwiPSL. I-Orlando Pirates siyishiya ngeminyaka emihlanu kwazise yabunjwa ngumlandeli owayephuma lapha kithi,” kuchaza uZungu.
“Lokho kusho ukuthi iPirates iyizingane zethu. IChiefs lena eyazalwa yiPirates, ngabazukulu bethu. Ngakho hambani niyobakhumbuza indawo yabo.”
Congratulations to club president Mr. Sandile Zungu for being elected as Chancellor at Mangosuthu University of Technology. Gwabini 👏![CDATA[]]>🏾![CDATA[]]>💚#HebeUsuthu#UsuthuTogether pic.twitter.com/WChIVJZTme
— AmaZulu FC (@AmaZuluFootball) September 30, 2022
Yize inkulumo yelekwe wuhleko kodwa usheshe wayibuyisa uZungu ekhumbuza abadlali bakhe ukuthi ngokudlala kuma-semifinal babhala kabusha umlando weqembu.
“Isingaphezu kuka-10 iminyaka AmaZulu FC agcina ukudlala kuma-semifinal. Sigcine ngo-2010 size sihlulwa yiWits kowamanqamu eNedbank Cup,” kusho uZungu.
“Lokhu yisiqalo sezinto ezinhle futhi ngiyanithembisa nizodlala kwiCarling Black Label Cup ngoba kumele nizibange zonke izicoco ezikhona kwiPSL.”
Usuthu Day lugunjwa ngo-Okthoba 1 kodwa olwakulo nyaka luhambisana nemigubho yeminyaka ewu-90 iqembu lasungulwa.
Isolezwe ngoMgqibelo libe ngumthombo wezindaba wokuqala jikelele, ukubika ngoSuthu Day oluqale ukugujwa nyakenye.