UMQEQESHI waMaZulu FC, uPablo “Cijimpi” Martin, umanqika ukuphumela obala ngendawo afuna ukubona ezakhe ziqeda kuyona kwi-log yeDStv Premiership ngokuphela kwale sizini esisongwa.
AmaZulu asendaweni ka-12 kwi-log, abalwa namaqembu alwela ukukhuphukela esixhantini sayisishiyagalombili.
Leli qembu lizobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini namuhla ngo-5.30 ntambama.
Abuye nephuzu elimqoka ekuhambeni ebambana ngo 0-0 neStellenbosch FC ngoLwesithathu.
“Kuhlale kusikhuthaza ukubhekana namaqembu anjengeChiefs nePirates okunganamaqembu anabalandeli abaningi nokwenza ukuthi uma sidlala nawo igcwale inkundla.
“Nokho, nathi kuyasikhuthaza ukuphuma ngobuningi kwabalandeli bethu ukuzoseseka emidlalweni yethu yasekhaya.
“Silindele okufanayo futhi nakulo mdlalo esiyowudlala neChiefs kokuseseka ngobuningi babo,” kusho uMartin.
Ebuzwa ngokuyobhekana neChiefs engadlali kahle kulezi zinsuku, uphendule ngokuthi ebholeni akuyi ngokuthi udlale kanjani emdlalweni ogcine ukuwudlala.
“Yebo iChiefs ayinayo isizini enhle, njengoba nathi sibuye singadlali kahle, ngakho-ke ngicabanga ukuthi lo mdlalo ubaluleke ngokufanayo kuwona womabili amaqembu.
“Silwela ukwenyukela endaweni engcono kwi-log, okuyinto efanayo nakubona (abeChiefs), ngakho silindele umdlalo onzima,” kusho uMartin.
IChiefs uthi sebedlale nayo kabili kule sizini, yabashaya koweligi ekuhambeni, nabo bayishaya ekhaya kowomkhumulajezi (Carling Black Label Knockout). Ubona benalo ithuba lokubuya nomphumela omuhle kulo mdlalo.
Mayelana namathuba ezakhe okuqeda kwiTop 8 kule midlalo emithathu esele, uthe: “Inhloso yethu njengamanje wukugxila emdlalweni esiyobhekana nawo, sibone ukuthi sibuya nani kuwona.
“Ngeke sikwazi ukuzibekela imigomo ekubeni singakwazi ukulawula imiphumela yemidlalo.
“Yebo ngiyafisa ukuba sendaweni ephezulu kwi-log, kodwa lokho kuzoya ngokuthi senza kanjani emidlalweni elandelayo esizoyidlala, nokuthi amanye amaqembu angaphezulu nangaphansi kwethu enza kanjani.
“Okubalulekekile njengamanje wukugxila kulo mdlalo esiyowudlala, bese ngemuva kwawo sigxile kolandelayo neSekhukhune.”
UMartin usho kanjena nje Usuthu lubhekene nenselelo yokugwema ukwehluleka ukungena kwiTop 8 njengoba kwenzeke ngesizini edlule, luqeda endaweni ka-12.